
ISIPHINDE yaqala phansi inkinga yokuntshontshwa kwezimoto zakuleli ezidunwa kubanikazi ezindaweni zaseMkhanyakude.
NgoMgqibelo izikhulumi ebezishiyelana inkundla emcimbini womphakathi obuseMamfene eJozini izikhulumi ezahlukene kazilushiyanga ngaphandle udaba lokudunwa kwezimoto.
Kunezinsolo eziqinile zokuthi izimoto zithathwa kubanikazi maqede ziweliswe umngcee ohlukanisa elakuleli nelaseMozambique.
Eminyakeni eyedlule bekugqame ukuthi izimoto zithathwa kubanikazi ziweliswe umngcele ohlukanisa lawa mazwe eManguzi KwaMhlabuyalingana kanye nasezingxenyeni zomngcele.
Muva nje kuvela ukuthi izimoto zithathwa eMkhanyakude zilibangise esifundeni iZululand zidlulele esifundazwe iMpumalanga.
Kunezinsolo zokuthi ziweliswa umngcele eLebombo eMpumalanga.

Phakathi kwabaholi abakhulume ngayo lenkinga ngoMgqibelo kubalwa noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa kanye nemeya yaseMkhanyakude uMnu Siphile Mdaka.
UMnu Mdaka uke waba sekhaleni lokulwisana nayo lenkinga ngesikhathi uhulumeni waKwaZulu-Natal uholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube.
“Sithanda nje ukuxwayisa abanikazi bezimoto ikakhulukazi ezingamaveni ngokuthi inkinga isiphinde yaqaa phansi. Izimoto zabantu zithathwa kubanikazi zibhekiswe esifundazweni iMpumalanga. Sinxusa imiphakathi ukuba ihlale ngokuqaphela ngaso sonke isikhathi. Siwuhulumeni walapha eMkhanyakude sizosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuze kuqiniswe imikhankaso yokulwisana nalesi sihlava,” kusho uMdaka.