Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ikhonjwa eThekwini iyeKZN Netball Premier’s Cup

Ikhonjwa eThekwini iyeKZN Netball Premier’s Cup

by | 25 November 2026

ITHEKU lingase lisingathe imidlalo yeKZN Netball Premier’s Cup ezokuba sekuqaleni konyaka ozayo. Lokhu kuvele ngempelasonto ngesikhathi emcimbini weKZN Netball wokuklomelisa abadlali bayo abaphakamise ifulegi lesifundazwe kulo mdlalo obuseGarden Court, kuMarine Parade, eThekwini.

Umengameli weNetball South Africa uMami DialeMami, obehambele lo mcimbi, uyishayele ihlombe iKZN Netball ngokuba nalo mcimbi. IKwaZulu-Natal iba nemidlalo yePremier’s Cup ngaphambi kokuqala kochungechunge lwemidlalo yeTelkom Netball League. Eyalo nyaka iPremier’s Cup ibibanjelwe eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

UGugu Ngema ongumengameli weKZN Netball ubonge kakhulu abaxhasi babo kulo mdlalo okuwoMnyango wezeMidlalo oholwa nguMntomuhle Khawula obekhona ngoMgqibelo, kube ngabakwa-Aquelle, iGilbert, uMasipala waseMhlathuze nowaseThekwini, ne-University of KwaZulu-Natal.

“Ngiyababongela bonke abanqobile kulo mcimbi kanti nokuqokwa kuyefana nokuthi uphumelele. Ngibonga uhulumeni wesifundazwe ngokusihlelela imidlalo yePremier’s Cup, eyangonyaka ozayo sizoyibambela eThekwini. Lo mqhudelwano usisiza kakhulu ukuqoka abadlali esizobasebenzisa emidlalweni yeTelkom Netball League (TNL) lapho sinamakilabhu amabili okuyiKingdom Stars neKingdom Queens,” kusho uGugu.

UGugu uhloniphe uNtlantla Vaphi noMqondisi Mkhize ngeNkanyezi President Awards, waphinde wanikezela ngezititiketi iNSA, iKZN Sports Confederation, nabaxhasi. UMgungundlovu uhlabene nomklomelo weDistrict of the Year, uZimephi Phakathi wathola owe-Umpire of the Year nabanye.

Ezisematheni

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

UBUYELA enkantolo ngenyanga ezayo othweswe icala lokubulala, umdidiyeli woMkhonto weSizwe Party (MKP) kwiSifunda Ugu, njengoba ebevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe namhlanje (ngoLwesithathu). Ummangalelwa uMnu Lungani Lushaba (44) oboshwe ngesonto eledlule, uthweswe...

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

ISIPHENDUKE indaba egudwini eyomyeni oshaqwe ngamaphoyisa esekhweni, osolwa ngokuthi ulobole ngezinkomo zokwebiwa eziwu-5, emndenini wakwaXulu, eNtinini, eVryheid. ILANGA lithole ukuthi uMnu Buzetsheni Sibiya waseNgoje, eVryheid uvele eNkantolo yasoPhongolo,...