Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Isigidi kozokwephula irekhodi emjahweni wabesifazane eThekwini

Isigidi kozokwephula irekhodi emjahweni wabesifazane eThekwini

by | 1 May 2025

ABAKWA-TOTALSPORTS bebambisene nabakwaStillwater Sports bakhiphe isigidi samarandi esizotholwa ngumsubathi wesifazane ozokwephula irekhodi le-10km kwiTotalsports Women’s Race ezokuba seThekwini mhla ka-3 ku-August.


Irekhodi labesifazane le-10km wu-29:27 ophethwe ngu-Agnes Jebet Ngetich waseKenya, awenze ngeledlule kwi-Adidas Road eGermany. Irekhodi lomhlaba labesifazane bekuwu-30:01 obuphethwe ngu-Agnes Tirop waseKenya awenze ngo-2021 khona belu eGermany.


AbakwaStillwater Sports bahlela imijaho yeTotalsports women’s Race emadolobheni amathathu akuleli okuyiTheku, yiGoli naseCape Town, yonke ezogijinywa ngeNyanga yasesifazane u-August. Umlenze waseThekwini uzolandelwa ngoseKapa ozokuba mhla ka-9 ngeholide, bese kusongwa ngowaseGoli ozokuba mhla ka-17.


Umlenze waseThekwini yiwona okhethwe ukuthi kuzokhishwa isigidi kuwona, bathi umzila wakhona muhle futhi kunomoya wolwandle, ngakho abasubathi banamathuba amahle okwenza irekhodi kuwona.

Isikhulu esiphezulu sakwaStillwater Sports uMichael Meyer sithe sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 lo mjaho ukhona. Uyakhula futhi abesifazane bayakuthokozela ukugijima bodwa.

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.pinkdrive.org noma kwethi: www.totalsportswomensrace.co.za.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...