Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ilokishi iMbali lakhiwa kususwa abantu eduze kwedolobha

Ilokishi iMbali lakhiwa kususwa abantu eduze kwedolobha

by | 12 November 2024

IFAGUGU LESIZWE: MENZI JELE

IMBALI ngelinye lamalokishi aziwa ngezinto ezahlukene eNingizimu Afrika. Ngokomlando, lakhiwa endaweni okwakungeyakwaZondi, KwaMpumuza. Liqhele ngo-15km uma usuka enkabeni yedolobha uMgungundlovu, ubheke entshonalanga. 

ISIQALO SEMBALI

Kuthiwa lapho kwakhiwe khona leli lokishi, kwakuyisiganga (iqele) esasinezimbali, ingekho emizi. Eduze kwaleso siganga, kwakunesabelo esibizwa ngeSlangspruit (eSlenge). ESlenge kulapho kwazalelwa khona uMnu uMoses Mabhida, owayengumkhuzi woMkhonto weSizwe futhi engunobhala-jikelele weSACP ekudingisweni. 

INGXENYE yelokishi iMbali.

Kuthiwa kwababaza ikhehla elidala laseSlangspruit, iqala ukwakhiwa iMbali, ekuqaleni kweminyaka yama-60s, lathi, “Hawu sebeyakha manje abantu laphaya ezimbalini”. Kuthiwa isinqumo sokuba kwakhiwe leli lokishi sathathwa ngukopeletsheni (Pietermaritzburg Coporation) ngo-1958. 

Lakhiwa ngaphansi kohlelo lweGroup Areas Act, ngoba abelungu babesusa abantu eduze kwedolobha, uMgungundlovu. Abantu babethutheleka, befuna imisebenzi, bagcine sebegxumeka imijondolo eduze nedolobha, ukuze bakwazi ukuvuka baye emisebenzini, abanye bayofesa. Ngo-1964, uMnyango waKwaBantu Affairs nePietermaritzburg Coporation. basithatha lesiya siganga esasinezimbali, basifaka ngaphansi kwabo, baqala bakha iMbali Bantu Township. Ilokishi lakhula ngesivinini ngoba ligcine selinezigceme u-1, 2, 3, 14, 15, no 18 – bese kuba khona u-Unit AA no-BB. IMbali izungezwe yiSlangspruit, yiFrance ne-Azalea, enamathuna.

IMANAYE HALL YOMZABALAZO

EMbali kunehholo iManaye, okwakuhlanganela kulona abalweli benkululeko. NgoMarch (Ndasa) ka-1961, kwaba nombuthano i-All in Africa Conference. Wumbuthano wokugcina lowo okwakhuluma kuwo uMnu uNelson Mandela ngaphambi kokuyoboshwa eRobben Island. 

Wathi nje eqeda ukukhuluma, kanti amaphoyisa ezomoya amlalele unyendle eTweddie, ngaphandle kwaseHowick, ambopha esendleleni ebheke eGoli. UMadiba wayephuma eGroutville, KwaDukuza, kade eyobonana neNkosi u-Albert Luthuli, eyayisivalwe umlomo wuhulumeni wobandlululo. Ngo-1987, kwaba nombuthano omkhulu eManaye Hall, kwemukelwa uMnu uHarry Gwala, owayenomuzi KwaDambuza, ephuma ejele iRobben Island. Nezishoshovu zomzabalazo wenkululeko; uMnu u-Anton “Mfenendala” Xaba, uMnu uTrueman Magubane, iNkosi uMhlabunzima Joseph Maphumulo, uMnu Yusuf Bhamjee, imihlangano zaziyenzela eManaye Hall.

IKHAYA LEMFUNDO

Kuyafundwa eMbali, abantu bakhona emlandweni babegabe ngemfundo nenkolo, bengama-Krestu. Izikole zaseMbali zazineziqubulo, njengeSukuma Comprehensive High School, ese-Unit 1, eyakhiwa ngo-1983. Isiqubulo saseSukuma Comprehensive, sithi “Sukuma Leads, Others Follow”. Kwathuthwa isikole samaSheshi, iSt Chads, eMnambithi, sayiswa eSukuma. 

IHlelingomusa Primary ese-Unit 5 – eyaqedwa ukwakhiwa ngo-1991 – inesiqubulo esithi “In Diligence We Rise”. IMehlokazulu High School – eyaqedwa ukwakhiwa ngo-1973 – inesiqubulo esithi “We Prosper”. ISiqongweni Secondary School, ithi yona “Ngokuzama Siyoqonga”.

UMTHOLAMPILO iMpilwenhle, oseMbali.

Ezinye izikole yiZibukezulu High School, yiSlangaspruit Primary School, yiFundokuhle High School, yiZamazulu Secondary School, eyasungulwa ngo-1976, yaduma isiyi-finishing School, iphethwe nguNkk uPinky Mkhize. 

INdaleni College of Education eyayiseRichmond, yavalwa, kwavulwa iNdumiso College of Education, nayo eyayise Unit 1, eMbali.

Kunezikhungo zezempilo, iMbalenhle Community Health Centre, neMpilwenhle Clinic, eziphakela isibhedlela i-Edendale.

UBUGEBENGU EMBALI     

Utshani obulele buvuswa ngomlilo eMbali. Phambilini abantu babehamba ngezinyawo baye eThawini (edolobheni iPietermaritzburg), kodwa manje ngenxa yamaphara, akusenzeki lokho. Uma kukhishwa izibalo zobugebengu ezweni, iPlessislaer Police Station, esebenza neMbali, ingenye yezindawo ezihlale zihamba phambili. 

Yize amaCommunity Policing Forums (CPF) ekhona eMbali, kodwa ubugebengu kuseyinto yakhona.

KWESOKUDLA nguMnu Velaphi Ndlovu we-IFP, ongowaseMbali, kanti kwesokunxele yisiteshi samaphoyisa esisebenza eMbali.

Indawo eyayigcwala abathandi bobumnandi namadelabuthongo, i-033, seyavalwa eMbali, ngoba ngezimpelasonto kwakuvame ukubulawa abantu khona. Ngesikhathi sobandlululo, ukopeletsheni wasePetiermaritzburg, wawukhiphela ngaphandle abantu abamnyama, kunomkhandlu wabantu baseMbali bodwa. 

Abaholi abanjengoMnu Abdul Awetha, uMnu uVelaphi Ndlovu, uMnu uBen Jele, uMnu S’chiza Zuma, babehlaselwa. Ngomhla ka-15 kuNovember 1998, uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi,noMnu Nelson Mandela, bavula itshe lesikhumbuzo sabantu ababhubha ngenxa yodlame lwepolitiki eMbali.    

IZIHLABANI NAMAQHAWE ASEMBALI

Ingqamu (unobhutshuzwayo)
iyashaywa eMbali. Bheka nje, uNkosingiphile Ngcobo, odlala kwiKaizer Chiefs, ngowaseMbali. 

NGUSPHELELE Mkhulise weMamelodi Sundowns.

* UDumisani Zuma owadlala kwiChiefs nakwiMoroka Swallows, uvela eMbali; 

* US’phe-lele Mkhulise,weMamelodi Sundowns noRyan Moon weLamontville Golden Arrows ngabaseMbali;

* UMnu Velaphi “VB” Ndlovu, obeyilungu lePhalamande emele i-IFP, ngowakhona eMbali; 

NGUNKOSINGIPHILE Ngcobo weKaizer Chiefs.

* UNkz Bathabile Dlamini, owayengungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi wazalelwa eNquthu, wakhulela eMbali; 

UMnu Khaba Mkhize (ongasekho), owayengumphathi eSABC, KwaZulu-Natal, wayenomuzi eMbali, yize wazalelwa eClermont.

IMITHOMBO ESETSHENZISIWE

– UNkk Thobekile Maphumulo, obeyimeya yaseMgungundlovu.

– UMnu uKhaba Mkhize (esaphila).

– Iphephandaba i-ECHO,
eliyinkonyane yeThe Witness.

menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...