
IKHOMISHANA kaMadlanga izothathela izinyathelo osolwa ngokuveza omunye wofakazi abebefakaza kule khomishini befihliwe.
Lokhu kudalulwe yiJaji eselathatha umhlalaphansi elinguSihlalo wekhomishini uJaji Mbuyiseli Madlanga. Uveze ukuthi ikhomishini izovula amacala obugebengu ivulela lowo muntu owenze lokhu.
Ekhuluma kwiMadlanga Commission, uJaji Madlanga, uthe kukhona odalule ufakazi obefakaza efihliwe kule khomishini. Uthe ngendlela okwenzeke ngayo kukhomba ukuthi lo owenze lokhu ukwenze ngamabomu.
Uthe ngokwenqubo yekhomishini kuyicala ukwenza lokhu futhi kuphambene nomthetho oyilawulayo. Lolu daba uthe ikhomishini iluthathe njengolubalulekile kakhulu ingakho kumele ithathe izinyathelo ngokushesha ngalo.
Ukusho lokhu kodwa wangamdalula lowo muntu osolwa ngokwenza lokhu. Akazange akudalule ukuthi yimuphi lowo fakazi njengoba bebaningi abafakaze kule khomishini befihliwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi kukhona omunye wofakazi ababefakaza befihliwe kule khomishini uMarius Van Der Merwe owayebizwa ngoWitness D owagcina edutshulwe washona. Naye igama lakhe laze lavezwa emva kokuba esedutshulwe washona. Lo fakazi uyena owathula ubufakazi obagcina bubophise oyiSekela lesikhulu esiphezulu, kumaPhoyisa kaMasipala waseGoli, uMnu Julius Mkhwanazi.
Emva kobufakazi buka-Adv Andrea Johnson kwiMadlanga Commission of Inquiry, okuhlalukile ukuthi akuhanjiswanga ngendlela kuboshwa kwesikhulu esiphezulu seCrime Intelligence, uLt General Dumisani Khumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa, kuholele ekutheni amacala abo ahoxiswe.
KwiMadlanga izolo kuvele ukuthi oyinhloko yabaphenyi kwi-IDAC, uDylan Perumal, usolwa ngokuqamba amanga ngezitatimende zofakazi aziyisa enkantolo ukuthi ikantolo ikholwe ukuthi kunecala okumele abasolwa baphendule kulona.
UJohnson obuyele ekwethuleni ubufakazi kule khomishini izolo emva kokusula isigubhukane kwi-IDAC, uyabuyela namhlanje ukuzoqhubeka nokwethula ubufakazi.







