IKHOMISHINI kaMadlanga ikhale ngokuthi incwadi kadokotela ethunyelwe nguMajor General Firoz Khan yokucela ukuthi kuhlehliswe ukulalelwa kobufakazi bakhe kuyona, ichitshiyelwe yafakwa nosuku oludala njengoba kunolunye oluvelayo njengoba isike yathunyelwa kwaSouth African Police Services (SAPS) ukuthi akakulungele ukuza emsebenzini.

U-Advocate Adilla Hassim uveze le ncwadi wathi kuningi okungabambeki ngezinsuku ezibhalwe kuyona.
Uthe kweyokuqala ebhalwe ngoMay 22, kuvela ukuthi uKhan uzokwazi ukubuyela emsebenzini ngoJune 30. Kweyesibili ekhishwe ngo-August 20 kuvela ukuthi uKhan uzobuyela emsebenzini ngoJune 27 futhi sekwengezwe nezifo ezimphethe okukhona kuzona nokhwantalala.
Izinsolo ziveza ukuthi inhloko yeCrime Intelligence, uLt General Dumisani Khumalo wayithola waphinde wabuza kabanzi ngesifo esiphethe uKhan ngoba bekungacacile kweyokuqala.
Okuvele kwiKhomishini ngencwadi efungelwe kadokotela, indodana kaKhan iyona eyaya kudokotela iyocela kushintshwe incwadi yokugula kukaKhan. Udokotela kuthiwa wabuza ukuthi ibingakahanjiswa yini emsebenzini, ekhala ngokuthi uma kungukuthi isiyahamba kuzophambana izinto bese kuba necala lenkohlakalo ngokushintshwa kwencwadi.
Ummeli kaKhan ubefake isicelo sokuthi kuhlehle ukulalelwa kobufakazi bakhe ngoba ubekade esesibhedlela engakulungele ukufakaza.
Ngenxa yokushayisana kwalo mbiko kadokotela, iKhomishini ifuna ukuthi uKhan ayohlolwa udokotela ozimele ukuthi ukulungele yini ukwethula ubufakazi.







