Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMax Makhanya uthi usezwile ukuthi uyafuneka futhi uyaxolisa

UMax Makhanya uthi usezwile ukuthi uyafuneka futhi uyaxolisa

by | 25 March 2025

WENZE obekulindelwe ngabaningi kuleli uMax Makhanya okuyalelwe izinduna zamabutho namabutho ukuba baphume inqina ukumthungatha ukuze ezokhuluma eduze nabadidiyeli bamabutho, ngezinto ezithinta iNdlunkulu kaZulu.

Sekungamahlandla amaningi kukhalwa ngezinkulumo zikaMax, ezinye zazo ezingehli kahle kwabeseka indlunkulu yesizwe samaZulu. Ubuyele ekhasini lakhe kuFacebook, wenza inkulumo yokuthi uyaxolisa.

“Sengizwile ukuthi ngiyafunwa. Ngibonile ukuthi kunobaba abathile ababize isithangami sabezindaba ngenhloso yokuxayisa mina.

“Ngiyadideka ukuthi kungani bethi bayangifuna ngoba mina ngikhulume enkundleni yokuxhumana nabo bangikhulume kuyona lenkundla ngenhloso yokwedlulisa umyalezo kimi. Mina ngibeka phambili isizwe uma ngenza izinkulumo.

“Ngiyakhothama kosesihlalweni sobukhosi bukaZulu. Ngiyaxolisa ngezinkulumo zami engike ngazenza. Amaphutha ayenzeka kubona bonke abantu,” kusho uMakhanya.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...