Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMax Makhanya uthi usezwile ukuthi uyafuneka futhi uyaxolisa

UMax Makhanya uthi usezwile ukuthi uyafuneka futhi uyaxolisa

by | 25 March 2025

WENZE obekulindelwe ngabaningi kuleli uMax Makhanya okuyalelwe izinduna zamabutho namabutho ukuba baphume inqina ukumthungatha ukuze ezokhuluma eduze nabadidiyeli bamabutho, ngezinto ezithinta iNdlunkulu kaZulu.

Sekungamahlandla amaningi kukhalwa ngezinkulumo zikaMax, ezinye zazo ezingehli kahle kwabeseka indlunkulu yesizwe samaZulu. Ubuyele ekhasini lakhe kuFacebook, wenza inkulumo yokuthi uyaxolisa.

“Sengizwile ukuthi ngiyafunwa. Ngibonile ukuthi kunobaba abathile ababize isithangami sabezindaba ngenhloso yokuxayisa mina.

“Ngiyadideka ukuthi kungani bethi bayangifuna ngoba mina ngikhulume enkundleni yokuxhumana nabo bangikhulume kuyona lenkundla ngenhloso yokwedlulisa umyalezo kimi. Mina ngibeka phambili isizwe uma ngenza izinkulumo.

“Ngiyakhothama kosesihlalweni sobukhosi bukaZulu. Ngiyaxolisa ngezinkulumo zami engike ngazenza. Amaphutha ayenzeka kubona bonke abantu,” kusho uMakhanya.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...