
LIGQABUKILE igoda phakathi kweNFP noSihlalo wayo KwaZulu-Natal nobephinde abe nguNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa kwaBantu kulesi sifundazwe, uNkk Mbali Shinga.
Lokhu kuza emva kokuthi isigungu esiphezulu sokubuyekezwa kwamacala kuNFP, sichithe isicelo sakhe sokubuyekezwa kwecala lokuchithwa kwakhe eqenjini.
Isigungu sikhiphe isinqumo esingujuqu saphinde saphuca uShinga nobulungu beNFP.
Esinqumweni saso siveze ukuthi uShinga uhlulekile ukuveza ubufakazi bokuthi usihlalo obebekwe ukubuyekeza icala lakhe akabekiwe ngokusemthethweni njengoba ayesho kanjalo. Kuphinde kwavela ukuthi ubengakhombisi ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka lolu daba futhi ubefuna ukuzozikhulumela yena esigungwini sokubuyekezwa kwamacala okuyinto ebingaphoqi ukuthi aze abekhona.
UShinga ubebhekene necala lokuphula umthetho nokungalaleli umyalelo weqembu lakhe i-NFP, elaphakamisa ukuthi avote neMKP ephalamende ngesikhathi kunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu, uMnu Thami Ntuli ngoZibandlela nyakenye.







