I-AVBOB seyenabela ohlelweni lokuxazululela amalungu ayo izinkinga zemali, njengoba yethule ngokusemthethweni uhlelo lokuwaboleka imali yokuzibheka, ukuze akwazi ukuhlangabezana nezidingo zawo. Uma sibala nomshwalense odidiyelwe, nosizo lwezokungcwaba olungambi eqolo, i-AVBOB ihlose ukuqinisa ukuzinikela kwayo ekuhlinzekeni amalungu ayo ngosizo olunesithunzi, futhi yabelane nawo ngemihlomulo.
Ukusungulwa kwalolu hlelo lokukhokha ngesikhathi esifishane lokubolekisa ngemali, olubizwa nge-AVBOB Personal Loans – olusavuleleke kumalungu e-AVBOB kuphela okwamanje – le nkampani iqhubeka nokuqinisa ubudlelwano namalungu ayo, ngokuwahlinzeka ngezixazululo zemali. Lolu hlelo lusekela ukuthuthukiswa kwesimongqangi esibanzi sebhizinisi, lube luthuthukisa indlela esizuzisa ngayo amalungu ethu.
“Lo mnikelo” uhlelwe ngendlela ezosiza amalungu ethu ukulungisa izinkinga zesikhashana zezimali, akwazi ukubhekana nezimo eziphuthumayo, futhi uwalekelele ukubhekana nesimo sokuxakeka, esidinga imali.
I-AVBOB ihlose ukukhuthaza ukuvikelwa kwesithunzi, ekukhuleni komuntu siqu, nakwinhlalakahle yakhe, kusetshenziswa uhlelo oludidiyelwe lwezemali, wumshwalense, nosizo lwezokungcwaba okuhlinzekwa ngalo amakhasimende ngendlela esezingeni eliphezulu futhi elulingene amandla ekhasimende.

Imigomo eqotho yokubolekisa ngemali
Uma echaza uNakedi Pilane, oyi-AVBOB Executive Director: Ophikweni lwakwaBusiness Development and Financial Services, uthi inhloso ye-AVBOB wukwenza inzuzo, bese yabelana ngayo namakhasimende ayo, nokuwabona efeza izidingo zawo zezimali.
“Lo mkhiqizo wemalimboleko onikwa amalungu e-AVBOB, ukhombisa ubugugu esingabengeza empilweni yawo njengenkampani yezemali elawulwa ngamalungu ayo. Sizizwa sithobekile ngokwesekwa esikuthola kumalungu ethu nangemigomo enobuqotho yokubolekisa ngemali, eyesekela umkhiqizo wethu omusha,” kugcizelela uPilane.
Injula yalolu hlelo olusha lwe-AVBOB, wukuzinikela ekuthuthukiseni amalungu ethu ngolwazi lwezezimali oluthe xaxa, wukuwasiza abe nokuzethemba nokuqonda okudingekayo uma ehlola imikhiqizo yezezimali, bese ethatha isinqumo esifanele.
Umnyombo wokwethulwa kwemalimboleko yomuntu siqu, wukuzinikela kwe-AVBOB ukubandakanya amalungu ayo kwezezimali nokuqonda kwayo isimo esibi sezomnotho nezinselelo zezimali ezibhekene nabantu nemindeni eminingi.
Ngohlelo lwayo lwemihlomulo, olwenza inzuzo lwabelane ngayo namalungu, nendlela ethe thuthu yokuthola usizo lwezezimali, i-AVBOB ihlose ukuqhubeka nokwehlisa ingcindezi yezezimali kumalungu ayo, ngokugqugquzela ukuboleka okuhambisana nokuzithiba, nokuwahlinzeka ngezinsiza ezizowalekelela ukuba ahlale isikhathi eside engaxakwa yizinselelo ezidinga imali. Ngokwelula inkundla yokuthola usizo lwezezimali olungambi eqolo, i-AVBOB iyaqhubeka nokubamba iqhaza elibonakalayo ekwakheni imiphakathi eqinile futhi engakhethi iphela emasini.
“Ngenhloso yokukhuthaza ukubolekisa ngemali okusobala nokunobuqotho, i-AVBOB ihlinzeka ngosizo nasezintweni ezingajwayelekile, okuyibeka ezingeni lokuba ngumlingani ongamethemba, ozisa amalungu ukuba aphathe imali yawo ngobuhlakani, akwazi ukubhekana nezimo zempilo – eziqubuka kungazelele muntu – ngokuzethemba okuhambisana nesithunzi,” kuphetha uPilane.
Ngolwazi oluthe thuthu, mayelana ne-AVBOB Personal Loans, vakashela ku: https://www.avbob.co.za/product/borrow-with-avbob
I-AVBOB Financial Services umhlinzeki wezinkonzo zezimali osemthethweni, NCRCP19411. Kunemibandela.






