Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Sebevulelwe ama-akhawunti eFNB abebehola eThala, imali yakwaSASSA

Sebevulelwe ama-akhawunti eFNB abebehola eThala, imali yakwaSASSA

by | 28 January 2025

SEKUQINISEKISIWE ukuthi sebevulelwe amakhawunti ebhange iFNB abahola imali yezibonelelo zikahulumeni, abangamakhasimende ebhange Ithala elisabhekene nenkinga.

Okhulumela iFNB, uNkk Sizwekazi Mdingi, ukuqinisekisile ukuthi leli bhange linxuswe wuMnyango wezeMali kuzwelonke ukuba lilekelele ngokuvulela ama-akhawunti labo abebehola ebhange Ithala izibonelelo zikahulumeni ezikhokhwa yiSASSA.

Ukuthuthwa kwalawa makhasimende eThala ahola izibonelelo zikahulumeni kulandela ukuba iPrudential Authority (PA) ifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, okulindeleke ukuba silalelwe ngoLwesine, lapho ifuna ukuba inkantolo igunyaze ukuba kuvalwe ibhange Ithala. Emuva kokuba iPA ithathe lesi sinyathelo, kumiswe ukusebenza kwama-akhawunti amakhasimende aseThala, okubalwa kuwo nawalabo abahola lezi zibonelelo ezahlukene.

UNkk Mdingi uthi-ke sebewavulile ama-akhawunti alabo bantu ukuze iSASSA ikwazi ukufaka kuwo imali yezibonelelo. Uqhube wathi inhloso yabo enkulu beyiFNB wukuqikelela ukuba abantu baqhubeke bathole umholo wabo wezibonelelo.

Ngakolunye uhlangothi iSASSA iqinisekisile ukuthi isebenzisana neFNB ukuvulela ama-akhawunti abantu abahola izibonelelo eThala, abebengakawavuli ama-akhawunti kwamanye amabhange emuva kokuvaleka kwawaseThala. I-SASSA ithi okwamanye labo bantu bazothola umholo wabo eFNB kuze kube bahlinzeka iSASSA ngemininingwane yamabhange abazikhethele wona abazohola kuwo.

Kubikwa ukuthi abantu bangahamba bayolanda amakhadi abo aseFNB emagatsheni aleli bhange aseduze nabo, kusukela namhlanje ngoLwesibili kuze kube wuLwesibili oluzayo mhla ka-4.

NgoLwesine ILANGA lizoshicilela udaba olugcwele oluqukethe yonke imininingwane ngalesi sinqumo.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...