IZINGA lokwakhiwa kwemizi emihle futhi emikhulu ezindaweni zasemakhaya lilokhu lenyukile njalo njengoba sikhula isibalo sabantu abadayisayo esilungwini, bebuyele emakhaya, beyokwakha.
Izinombolo zikhombisa ukuthi abantu abaningi abathatha umhlalaphansi bafudukela emakhaya besuka emadolobheni noma emalokishini.
Isibalo sabantu abakhetha ukuba nemizi esilungwini kanye nasemakhaya naso sikhombisa ukukhula okukhulu.
Ziningi izizathu ezenza ukuthi abantu bafudukele ezindaweni zasemakhaya. Okokuqala wukuthi abanye banesifiso sokutshala nokufuya, okudinga ukuthi ube sendaweni evulekile. Abanye babuyela emakhaya ngoba khona kazikho izindleko ezifana nama-rates kamasipala, yize ezindaweni eziningi zasemakhaya ingekho kahle inqalasizinda.
Asebekwenza abantu abaningi emizini kanokusho esezindaweni zasemakhaya wukufaka amapayipi amanzi, amathangi agcina amanzi emvula nokwakha izitamkoko (septic tanks), ukuze bekwazi ukukusebenzisa njenga-sesilungwini.
Abanye kabakhulelanga ema-khaya kodwa bakubona kuyisu elingcono ukwakha kulezi zindawo uma udinga ukuba nendawo enkulu. Yize abantu abaningi bekhala ngesimo samanzi nogesi obuye uhluphe, kodwa uma uzozihlinzekela ngethangi lamanzi elikhulu nama-solar panel ukuze ukwazi ukuphehla amandla kagesi welanga, lokho kungakusiza kakhulu.
Yingakho manje sikukhuthaza ukuthi uma ikhona indlela, uma uhlala esilungwini, zama ukuthi uphinde uthole indawo emakhaya, wakhe futhi nakhona. Kungaba wumuzi noma indlu oyiqashisayo, engakungenisela imali kancane.
Phela nasezindaweni zasema-khaya baningi abafudukela khona ngenxa yokusebenzela khona.
Okunye okuhle wukuthi imizi yasemakhaya isiyadayiseka nayo yize ingenayo ibhondi, okudinga ukuthi kwesinye isikhathi uthenge ngokheshi, kodwa isibalo sokwa-khiwa kwemizi yasemakhaya nokudayiswa kwemizi emihle
yasemakhaya, sikhulile kakhulu.
Okubalulekile wukuthi umhlaba wasezindaweni zasemakhaya ubuswa ngamakhosi, izinduna noma ngamakomiti akhethwe wumphakathi, okusho ukuthi kumele ulandele imigomo nenqubo yakuleyo ndawo uma uthenga noma udayisa khona.
Uma udayisa umuzi emakhaya kuyadingeka ukuthi ubikele induna yenkosi noma ikomiti lendawo mayelana nezinhlelo zakho.
Kwezinye izindawo, othengisayo kuyaye kube khona imali ayikhi-phayo, kanjalo futhi nothengayo kunemali ayikhiphayo nezinto azithengayo njengotshwala nenyama, kwezinye izindawo kuba
yisilwane okungaba yimbuzi.
Izindawo zinemigomo yakhona ngokwehlukana futhi kubalulekile ukuthi ihlonishwe ngabantu bonke bakhona. Kubalulekile ukwazi ukuthi nasezindaweni zasemkhaya kunezinkinga
zakhona emphakathini okumele uzilindele njengoba nasemakhaya sekukhalwa ngamaphara nabantu abantshontsha imfuyo.
Kuyiqhinga elihle ukwakha
nasemakhaya ukuze uma izinto sezibhimba esilungwini, ukwazi ukubuyela emakhaya. Ngikusho lokhu njengomuntu onebhizinisi lokudayisa imizi, lapho sidayisa nemizi esuke idliwe ngamabhange ngoba abanye belahlekelwe yimisebenzi. Ngakho-ke ukwakha imizi emihle emakhaya nakho kuyayithuthukisa indawo.
*USiboniso Mtshali ngusoma-bhizinisi ongumeluleki wezemali osemthethweni (FSP49257), ogunyaziwe ukusiza abasezikweletini (NCRDC3326) nokudayiswa
nokuthengwa kwemizi (FFC: 1197883) nokwakha izindlu (NHBRC3000286136).
Uyatholaka nge-email ku:
sboniso@sbonisomtshali.com.
nangeWhatsApp: 0782108384.