Ilanga News
Home 9 Featured 9 Imantshi imfuna enkantolo oboshelwe elokugwaza udadewabo kasomahlaya

Imantshi imfuna enkantolo oboshelwe elokugwaza udadewabo kasomahlaya

by | 20 July 2026

UMMELI uMnu Xolani Zuma, uPastor Mjosty nabeMarch and March ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eThekwini.
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

INKANTOLO yeMantshi yaseThekwini isinqumele ugwayi katiki amaphoyisa abophe owesilisa (34) okuthiwa ungumfundisi odabuka eBurundi, othweswe amacala okuzama ukubulala uNkk Nomthandozo Mbhele (43) nendodakazi yakhe, ukuba amlethe enkantolo kusasa.

Isisulu esingudadewabo kasomahlaya nomlingisi, uPastor Mjosty, kuthiwa sigwazwe amanxeba angaphezu kuka-40 yilo wesilisa, salimaza nendodakazi yakhe. Umsolwa ubengekho enkantolo namuhla kodwa umphenyi wecala uthe kungenxa yokuthi ulimele njengoba bambopha esikekile esandleni, njengoba esalaliswe esibhedlela.

Imantshi uMnu Scelo Zuma ithe amaphoyisa aphule umthetho ngokuzithathela isinqumo sokuthi amyise esibhedlela, engamlethanga enkantolo.

“Nokuthi isibhedlela sithathe isinqumo sokuthi sihlele ukumyisa kwesinye azohlolwa kusona umqondo, akukho emthethweni ngoba kunamacala athweswe wona. Kumele eze enkantolo imbone, bese kuba yiyona enqumayo isibone isimo sakhe ukuthi ngeke akwazi yini ukumelana namacala. Ngidinga nimlethe enkantolo kusasa azovela okokuqala,” kusho imantshi.

Lo wesilisa uthweswe amacala amane okungawokuzama ukubulala amabili, njengoba kuthiwa wagwaza nendodakazi kaNkz Mbhele ngesikhathi emhlasela, elokuhlukumeza ngokobulili nelokuba seNingizimu Afrika ngokungemthetho njengoba kuthiwa akanamaphepha okuba kuleli.

Nokuba sesibhedlela kuvele ukuthi ubekalelwe amahora angu-72 bese eyiswa esitokisini ukuze avele enkantolo. Umphenyi uthe amahora angu-72 asephelile kodwa bebelinde umbiko kadokotela.

Uphinde waveza ukuthi nasemaphoyiseni wazivumela ukuthi nguyena ogwaze uNkz Mbhele futhi ulimale esandleni ngesikhathi emgwaza. AbeMarch and March bathe nakusasa bazobe bekhona enkantolo ukuyokweseka umndeni wakwaMbhele kulesi simo.

Ummeli uMnu Xolani Zuma olekelela umdeni wakwaMbhele kuleli cala uthe uzokwenza isiqiniseko ukuthi leli cala lisingathwa ngendlela. Uthe umndeni uyakwazi ukuthi ufake isicelo sokuthi umuntu ashushiswe eceleni uma kungukuthi inkantolo iyanqaba ukumshushisa.

Lokhu uthe kungenxa yokuthi indlela olusingathwe ngayo lolu daba ishayisa amakhala ngoba imibiko engaqinisekisiwe iveza ukuthi ummangalelwa ubenezidakamizwa emzimbeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...