Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uzimisele ngokusinqoba isifo sikashukela uNdlunkulu kaMdlokombane

Uzimisele ngokusinqoba isifo sikashukela uNdlunkulu kaMdlokombane

by | 8 October 2025

UKUNQANYULWA kwemilenze yombili kamfowabo, ngenxa yesifo sikashukela, kugqugquzele uNdlulunkulu uThandekile (uMaNdlovu), ongunkosikazi wesine weSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ukuba acubungule kabanzi ngokuthi lesi sifo singathithibaliswa kanjani.

NgeSonto eledlule uNdlunkuku ubethweswa iziqu zeDoctor of Business Administration (DBA) e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), azithole ngemuva kocwaningo ngezindlela ezingasetshenziswa ukuthithibalisa lesi sifo.

Ocwaningweni lwakhe upha-kamise iStevia, okuyikhambi elitholakala eKenya ukuthi yilona elingaba yisisombululo. Ngemva kokwethwesa iziqu, ILANGA libe nengxoxo ekhethekile naye, okuyilapho elibikele ukusuka nokuhlala ngothando lokucubungula ngalesi sifo.

“Ziningi izinto ezingigqugquzele ukuba ngenze iziqu zami zobudokotela, okubalwa kuzona ukugula kwamalungu omndeni wami, ngenxa yalesi sifo. Umfowethu wanqunywa imilenze yombili, kwathi udadewethu wagula ngendlela exakile.

“Nalapha ngiganele khona endlunkulu, baningi abaphethwe yilesi sifo. Isifo sikashukela siyingozi, siyabulala, ikakhulukazi emazweni afana nelethu, iSouth Africa ne-India,” kusho uNdlunkulu.

Uthi ubengeke esayeka ukuqhubeka nezifundo zakhe njengoba abaphathi besikhungo ayefunda kusona iMancosa, bamcela kuMdlokombane.

“Ngenza iziqu zami zeMasters in Business Management eMancosa, abaphathi bakhona bangicela kuMdlokombane ukuba ngiqhubeke, ngenze iPHD. Bengingeke ngimphoxe umuntu omdala,” esho.

UNdlunkulu, owuqweqwe lomhlengikazi, uthi izinkinga azibone ezibhedlela eminyakeni ewu-20 esebenza, zimenze wabona isidingo sokuba kuqhanyukwe nekhambi.

“Ngisebenzele izibhedlela ezahlukene KwaZulu-Natal; usizi olubhekana neziguli, zibhijelwa yizilonda ngenxa yalesi sifo, lungenze ngaba nogqozi lokuthi ngiqhubeke, ngicubungule ngaso.”

UNdlunkulu uthi uthando lwemfundo waluncela kuyise, uMnu Sililo Ndlovu, owayengumfundisi ebandleni i-7th Day Adventist, nonina uNkk Betha Ndlovu. UNdlunkulu udabuka KwaDambuza, eMgungundlovu. Usebenze njengomhlengikazi iminyaka engaphezulu kuka-20, kanti usegxile kwezolimo. Usesigodlweni KwaLindizwe, KwaNongoma. Ubusiswe ngezinyane elilodwa, uMukelisiwe.

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...