
INKOHLAKALO evumbuka yonke indawo kuhle kwemigodi yamavukuthu, idicilela phansi isithunzi somuntu onsundu. Ihambisana kakhulu netulo nokwakha inkolelo yokuthi umuntu onsundu akasoze waphatha ngobuqotho.
Nakuba ikhona inkohlakalo, kodwa isifaniswa nohlanga oluthile, lokhu okungesilona iqiniso. Le nto kumele ibhekisiswe ngoba ingenza izwe lethu lilahlekelwe ngabatshalimali.
Inhloso enkulu wukwakha isithombe sokuthi uhulumeni wobandlululo wawungcono kunohulumeni wentando yeningi. Abanye babaholi bethu, benza le nkolelo ikholakale, kanti inkohlakalo kayisilo ibala lomuntu.
Iningi inkohlakalo esezingeni eliphezulu, ehlangene nobuchwepheshe (white collar crime). Le nkohlakalo idla imali enzima kunalena esikhonjiswa yona.
Imali ephuma ngokungemthetho ezweni lethu, ibalelwa ku-R89,5 billion ngonyaka. Le nkohlakalo yenziwa ngabezimboni ezizimele nabezinkampani ezinkulu. Abezindaba babheke uhulumeni kuphela, kanti inkohlakalo isabalele yonke indawo.
Inkohlakalo yenza singakwazi ukugxila ezintweni eziyizidingo zomuntu onsundu. Njengamanje sikhuluma ngezimbizo zokubonisana ngokuthi izwe lethu kumele lilungisephi ukukhulula umuntu onsundu. Abanye bakhuluma ngemali okuthiwa izosetshenziswa, sengathi inkulu. Ingakanani imali ekhishwa yilabo abafuna isimo (status quo) singaguquki? Mangakanani ama-billion alahleka ngezinkampani zabamhlophe ngenxa yezinkontileka (ever-green contract) okwakuvunyelwene ngazo ngesikhathi soguquko?
Izimbizo yinto ebalulekile kithina bantu abansundu. Yonke into eqondene nomuntu onsundu, ibukwa ngeso elibi, nelingakhi. Izimbizo kwakudala kwakuyindlela esasixhumana ngayo thina bantu abansundu. Lokhu kwaze kwaba yinqubo nomgomo kahulumeni wentando yeningi, ukuba izimbizo zibe yindlela yokuxhumana nabantu.
Lokhu kulotshiwe ngisho emthethweni-sisekelo wezwe
lethu, isahluko 10, isigaba 195(1)
(e) (g). Uma wenza izimbizo, uletha
abantu bahlangane ndawonye ukuze balalelwe. Lokhu kusho ukuthi kudingeka ezokuthutha nazo zonke izidingo ezifanele.
Izindawo eziningi zabansundu zinabantu abangasebenzi, kodwa ezidingekayo izimvo zabo. Laba
bantu bayayidinga into ezobathutha, ibayise lapho bezolalelwackhona. Abamhlophe banamahholo lapho behlanganyela khona. Banezimoto zabo ezibayisa lapho kuhlanganelwa khona. Lokhu kubenza bangasiboni isidingo sezimbizo, nemali esetshenziswayo uma zihlelwa.
Ngesikhathi sobandlululo, abantu abansundu babengenayo indlela yokuzikhulumela ngezidingo zabo nezingqinamba ababhekene nazo. Into engashiwo, wukuthi kumele kube nendlela ecacile yokuthi imali isetshenziswe kanjani.
Emuva kwezimbizo, kumele kube nombiko (report), ozoyiswa ePhalamende. Konke lokhu kudinga imali. Kumuntu owaziyo ukuthi ziyini izimbizo njengezindlela zokuxhumana, ngeke abe nenkinga nesamba semali esetshenziswayo uma ubuka ubukhulu beNingizimu Afrika, ikakhulukazi izindawo zasemakhaya.
Uma kwenziwa lezi zimbizo, kumele zifinyelele kuwo wonke umuntu. Kumele zenziwe ngezilimi zabo bonke abantu, ukuze bazizwe bebalulekile.
Kuvamisile ukuthi uzwe izikhulu zikwitiza ngesiNgisi nalapho kungafanele khona, angiphathi-ke
uma kuke kwakhona oyedwa nje webala, ubezwa besikhipha ngamakhala.
Uhulumeni kumele uzibophezele ukuthi uzolalela, wenze njengokwezidingo zabantu. Yiyona
ntando yeningi-ke leyo. Abantu kumele balalelwe njengoba bekhalaza nje, bethi uhulumeni uyafika nezimbizo bakhulume abantu, kodwa kungenzeki lutho. Kothi ngelinye ilanga, uphinde ubuye uhulumeni,
uzobabuza ukuthi bakhala ngani, ekubeni izidingo ezazicelwe ngabantu embizweni yaphambilini, zingakafezwa.
Lokhu kwenza abantu badikibale, bangafuni ukubambisana nohulumeni. Le mbizo ehlongozwayo, iyithuba elikhulu lokushintsha isimo ezweni lethu. Nemithetho yethu evuna abokuhamba kunezakhamizi, kumele ibhekisiswe. Imbizo ehlongozwayo kazwelonke, masiyibuke ngeso lokwakha nokulungisa okungalungile ezweni lethu.
Umnumzane Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation. Wayengumqondisi: eKZN Office of the Premier: Community Partnership and Moral Regeneration. Ungumbhali wencwadi ethi: “Talking to Yourself: The Journey to Self-discovery”. Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com naku-0665445466 ngocingo nangeWhatsApp.







