
KUSUKE sekukubi ngempela uma abantu bengasawathembi amaphoyisa, kodwa bethemba ogqayinyanga ukwedlula ingalo yomthetho.
Nayo ingalo yomthetho ibuye ibe nesandla semfene. Kade ngibukele izindaba zasekuseni kumabonwakude ngoLwesibili, ngase ngihlangana nombuzo obubhekiswe kubabukeli.
Bekumele sikhethe ukuthi sithemba obani phakathi kwamaphoyisa nogqayinyanga. Abantu baphendule ngolethu, bekhetha omantshingelane.
Ngavele ngabona nje ukuthi elikaMthaniya seliphenduke inhlekisa. Nginokuyifunda le mibuzo yasekuseni komabonwakude kodwa ijwayele ukubheda nje kubuzwe into engathi shu.
NgoLwesibili ngithe angizwe ukuthi uthini umgwenya ngalombuzo, ngase ngizibukela zaze zaphela izindaba. Phela imiphumela bayikhipha sekuyoshaya ihora lesishiyagalolunye. Leyo ngenye yezindlela abasigcina ngayo sibukele.
Le mpendulo ikuveze kwacaca ukuthi abantu ababukela iNewsroom Afrika bahlala esilungwini ngoba abasemalokishini nabasemaphandleni bebengeke bawuzwisise kahle lombuzo. Kulezi zindawo abekho onogada abagadayo, babonwa behamba beya emsebenzini, babonwe futhi sebebuya.
Esilungwini khona bagcwele yonke indawo, ukusukela emafulethini kuya kulezi zindawo okuthiwa phecelezi, ngama-gated communities. Kusuka nje abantu bendawo bathi bafuna umgwaqo ongenayo uvalwe ngesango, bese kubekwa onogada okuyibo abavulela izakhamizi bese wena abangakwazi bakufake imibuzo eqatha.
Bakubuze ukuthi uyaphi, nokuthi umenywe ngubani. Lena yindlela abantu basesilungwini abazama ngayo ukugwema ubugebengu ngoba bengasawathembi amaphoyisa.
Uma ugqekezelwe kufika onogada kuqala, behlome beyizingovolo, kuthi amaphoyisa wona afike emuva kwehora noma amabili. Uma ngabe ubuhlaselwe ngabantu abaphethe izibhamu, bafika usufile bese bengazi ukuthi babuza bani ukuthi kwenzekeni.
Noma bekufice usaphila, bamane babuze ukuthi kungabe ufuna inombolo yedokodo ukuze unike umshwalense wakho. Uyazibonela nje ukuthi akunacala laphenywa lana. Isigameko basibhala phansi, bese kuphela kanjalo.
Ngikhumbula ngigqekezelwe ngo-2013, ofeleba bantshontsha izicathulo, amateku ami nezikankosikazi. Babuya bathatha nemali esasizoholela ngayo abantu abasebenzayo, ungazi ukuthi kungabe babazi noma ucilo wathuka ezishaya endukwini. Bathatha nohlweza lwemali yakudala engangilufihle ethinini.
Phela ngangithanda ukuqongelela uhlweza lwakudala, okwakuyinto engangiyithanda. Ngafonelwa yizingane ezazibuya esikoleni, ngoba zizithele phezu kwesango liphuliwe. Ngathinta abakwa-ADT onogada batheleka emizuzwaneni nje embalwa. Amaphoyisa afika nami sekukade ngifikile ngisuka emsebenzini, ngiphuthuma.
Afika nje athi asiwanike uhla lwezinto ezintshontshiwe, maqede asinika inombolo yedokodo, phecelezi case number, ashaya achitha. Kuze kube yimanje akukho muntu oke wangithinta asho ukuthi uphenyo lwahamba kanjani.
Mhlawumbe nohulumeni akasawathembi amaphoyisa, nakhu khona ngoLwesibili kwathunyelwa amasosha ukuyobeka iso kwababemasha eMatatiyela eMpumakoloni. Ngikhuluma nje kuseyindaba esematheni leyo, kanti abantu bawotha ubomvu, bathi umengameli makaphendule kulena yokuthunyelwa kwamasosha esikhundleni samaphoyisa.
Thina sikhumbula amasosha ombuso wengcindezelo, okwakuthiwa phecelezi yiStability Unit, ayethunyelwa ezitelekeni nasemihlanganweni wosiyayinyova. Ayengadlali la masosha, ayemane adubule efika angabuzi mibuzo. Mhlawumbe sivukile kwabafileyo isitabilithi.
SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI







