Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izincwadi/Imibono 9 Yiba nesivumelwano nomkhaba wakho ukuze nihlalisane kahle

Yiba nesivumelwano nomkhaba wakho ukuze nihlalisane kahle

by | 30 March 2025

INGOSI: SIGUDLA NOGALAKAJANA

UMA umkhaba wakho ungakasondeli ngasekuncipheni, vele ukhohlwe usuyophinda uzame futhi ngonyaka ozayo. Phela le nyanga ephezulu yiyo eshoyo ukuthi uyaphumelela yini ezinqumweni owazithatha ngoNyuyezi ngoba umhlaba wonke uzithatha nawe, ungafuni ukusala emuva.

Uma ungomunye walabo abanquma ukwehlisa amafutha nomkhaba, kumele ngabe usuyakwazi ukumbona ufeleba uma umi eshaweni ugeza noma-ke ubone nje inhloko. Abanye abasawuboni ngisho ubhozo lona futhi sebegqokiswa izicathulo ngabafazi nezingane ngoba ukugoba kuyinkinga, izandla kazisafinyeleli noma umuntu esehlezi esitulweni.

Mina nje nomkhaba wami asixabene, ngakho angiwusukeli ngenze izinqumo ngawo. Ngivuka ekuseni ngiwubingelele, bese ngiwubuza ukuthi sigqoka siphi isikibha noma ihembe. Kukhethe wona elizongilingana.

Kanti uma ungicasulile, ngimane ngiwugqokise isikibha esangishiya kudala esiphela esifubeni, bese ngifana nalawa mantombazanyana athi agqoke amasitamakhi awuthi (stomach out). Uyohlala ngaphandle kanjalo usuku lonke uhlekwa ngabantu.

Ngiwunika esawo isagila uma selula izinyawo sibuka imvelo, ngiwutshele ukuthi kumele ungivikele njengoba uhamba phambili nje. Kwaqhamuka inyoka kumele ungabuzi futhi ungananazi, ngoba phela yashaya mina leyo nyoka, sizoba nenkinga enkulu kabi engaze igcine ngedivosi yasejimini.

Ijimu leyo yinto engingasayihambi, kwala noma ngithunyelwa izimemo ezinginika izinyanga ngijima mahhala. Ngangiyithanda ngisakhula ngoba phela abesimame bayayithanda indoda emi kahle.

Manje angizami ukuheha abesimame, sengikhulile kanti ukuba ngusozinyama unentshebe emhlophe kuba yihlaya elihlekwa ngisho nayizintwala. Nazo lezo zinyama zami zingangibuza ukuthi lezi zinsimbi zokujima zizophakanyiswa ngubani.

Ezami izinqumo zikaNcibijane ziba lula nje ukuzifeza ngoba zimayelana nokwengeza, hhayi ukunciphisa.

Esokuqala ohlwini kuba ngesikagologo, ukuthi amabhodlela aphuzwayo ngenyanga kuzokwengezwa ngamangaki. Uma sengiwuphuzile lowo gologo, ngimane ngikhohlwe nje ngalezi ezinye ngithi sengiyozibona ngonyaka olandelayo.

Lena-ke yinto eyenzeka minyaka yonke, futhi ngeke ishintshe, umuntu uzozithola esephuza ikesi likagologo ngenyanga. Lezi ezinye izinqumo ngisuke ngidlala nje, ngenzela ukuthi lelo phepha engibhale kulo libukeke libhaliwe. Ngisuke ngizwela lelo phepha elizohlekwa ngamanye ngoba kulo kubhalwe umugqa owodwa vo; “gologo, thu bhodlela”.

Lo makhelwane owangimema ukuthi ngijime naye kuqala unyaka uyagijima njalo ekuseni, amakhilomitha amahlanu kodwa umkhaba usukhulile kunokuba unciphe.

Uke wangibuza la ezinsukwini ukuthi mina owami ngiwugcina kanjani usesimeni esihle. Ngamtshela ukuthi mina ngijinyiswa yizinkukhu nezinja zami. Phela ukunika ukudla izinkukhu ezingamakhulu ayisithupha kabili ngosuku ubuye ucoshe amaqanda, akuwona umdlalo wasenkulisa.

Zinokuphuma nje ehhokweni ngizixoshise iyadi lonke leli, zicashe phansi kwezimoto nasengadini. Ngithi ngiqeda ukuzibamba ngizibuyisela ehhokweni ngibe sengihefuzela, ngijuluke ngimanzi te. Nsuku zonke kuba khona eziphumayo, kanti zingilinda ngiphakamise amabhakede okudla bese ziyapulukutshela ngingakawuvali umnyango.

Njengoba bengishilo-ke ukuthi le nyanga esikuyo ibalulekile kakhulu ekufezeni izinqumo esizithathayo ekuqaleni konyaka, uma ngabe ubunqume ukubeka imali eceleni njalo ngenyanga kodwa awukaqali, vele ukhohlwe.

Ubusika nabu sebuyangqongqoza, kanti iningi labantu lidla kakhulu leqise ngesikhathi samakhaza, ngakho umkhaba ujabula usuze. Ngake ngezwa umkhaba usuza insizwa iziphumulele ebhishi. Kwakuyile nhlobo emafindofindo, kanti nezibele zilele phezu kwawo.

ADBUL MILAZI

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...