Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imeya ibonge ukusebenzisana komphakathi nomkhandlu

Imeya ibonge ukusebenzisana komphakathi nomkhandlu

by | 28 May 2026

ISHAYELE ihlombe ukusebenzisana okuhle phakathi kwamalungu emikhandlu nomphakathi phezu kwezinkinga ebezikhona kule minyaka emihlanu eyedlule, iMeya yaKwaDukuza uMnu Siduduzo Gumede. UGumede ubekhuluma ngesikhathi ethula umbiko ngesimo somkhandlu kanye nesabelomali sonyakamali ka2026/27, ehholo lomphakathi iKwaDukuza ngoLwesine. UGumede uthi nakuba esithathe ezinyangeni eziwu9 isihlalo sobumeya kodwa njengelungu lomkhandlu abevele eyilo, uyabuqonda ubunzima obebubhekene nomkhandlu.


“Kubalulekile ukuthi ngikhumbuzise ukuthi umkhandlu okhona usalelwe yizinyanga ezimbalwa ehhovisi, lo mbiko nesabelomali kungokokugcina. Kusuka ngo-2021 singenile akukaze kwaba lula, sisebenze phansi kwezimo ezinzima esingabala kuzo iCovid-19, ukunyuka kwezinga lokuphila, izikhukhula zika-2022 nokunye okuningi. Konke lokhu sidlulile kukho ngoba besinombono owodwa wokuthuthukisa umphakathi,” esho.


Eqhuba uthi umkhandlu bowuqhubeka nokwenza kahle, wathi lokhu kufakazelwe yimibiko engenagcobho yimcwaningimabhuku-jikelele, imiklomelo eyehlukene yokusebenza kahle ephuma kwaCogta ukwengezelwa uxhaso lwemali (grants) nokunye okuningi. Uthi kulonyakamali isabelomali salo masipala singaphezu kuka-R3.5 billion. Uthi kulesi sabelomali baqhakambise izinto eziwu-6 ezizothuthukisa umphakathi nomnotho wendawo. Phakathi kwazo ubale ukuwukulungiswa nokuqinisekisa ukuphepha kwenqalasizinda kagesi, ukulungiswa kwemigwaqo, ukudala amathuba emisebenzi, ukutshalwa kwemali kanye nokuthuthukisa ukuhanjiswa kwezindingo zomphakathi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...