Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imeya ibonge ukusebenzisana komphakathi nomkhandlu

Imeya ibonge ukusebenzisana komphakathi nomkhandlu

by | 28 May 2026

ISHAYELE ihlombe ukusebenzisana okuhle phakathi kwamalungu emikhandlu nomphakathi phezu kwezinkinga ebezikhona kule minyaka emihlanu eyedlule, iMeya yaKwaDukuza uMnu Siduduzo Gumede. UGumede ubekhuluma ngesikhathi ethula umbiko ngesimo somkhandlu kanye nesabelomali sonyakamali ka2026/27, ehholo lomphakathi iKwaDukuza ngoLwesine. UGumede uthi nakuba esithathe ezinyangeni eziwu9 isihlalo sobumeya kodwa njengelungu lomkhandlu abevele eyilo, uyabuqonda ubunzima obebubhekene nomkhandlu.


“Kubalulekile ukuthi ngikhumbuzise ukuthi umkhandlu okhona usalelwe yizinyanga ezimbalwa ehhovisi, lo mbiko nesabelomali kungokokugcina. Kusuka ngo-2021 singenile akukaze kwaba lula, sisebenze phansi kwezimo ezinzima esingabala kuzo iCovid-19, ukunyuka kwezinga lokuphila, izikhukhula zika-2022 nokunye okuningi. Konke lokhu sidlulile kukho ngoba besinombono owodwa wokuthuthukisa umphakathi,” esho.


Eqhuba uthi umkhandlu bowuqhubeka nokwenza kahle, wathi lokhu kufakazelwe yimibiko engenagcobho yimcwaningimabhuku-jikelele, imiklomelo eyehlukene yokusebenza kahle ephuma kwaCogta ukwengezelwa uxhaso lwemali (grants) nokunye okuningi. Uthi kulonyakamali isabelomali salo masipala singaphezu kuka-R3.5 billion. Uthi kulesi sabelomali baqhakambise izinto eziwu-6 ezizothuthukisa umphakathi nomnotho wendawo. Phakathi kwazo ubale ukuwukulungiswa nokuqinisekisa ukuphepha kwenqalasizinda kagesi, ukulungiswa kwemigwaqo, ukudala amathuba emisebenzi, ukutshalwa kwemali kanye nokuthuthukisa ukuhanjiswa kwezindingo zomphakathi.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...