Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uchaza ngokudunyazwa yisinqumo sikaBig Brother u-Ashay

Uchaza ngokudunyazwa yisinqumo sikaBig Brother u-Ashay

by | 17 March 2026

UPHUMELE ngokudunyazwa yisinqumo sikaBig Brother u-Ashay Sewlall okhishwe ngeSonto ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Mzansi Bazozwa olukhonjiswa ubusuku nemini esiteshini esiyisipesheli iChannel 198 kwiDStv nakuMzansi Magic ngamaSonto.

U-Ashay odabuka eRichards Bay ubengomunye wabebemele iKwaZulu Natal kulolu hlelo oluhlanganisa abantu abaqhamuka ezinkalweni zezwe futhi abayizinhlanga ezahlukene.

Ekhuluma neLANGA ngokuphuma kwakhe uveze ukuthi ubenethemba lokuthi uzofinyelela kowamanqamu njengoba ebenza isiqiniseko sokuthi uyakulwela lakhu.

U-Ashay uphume kulolu hlelo eseqophe umlando wokunqoba isikhundla sokuba yinhloko yale ndlu (Head Of House) izikhawu zaze zaba kathathu.

Uqophe omunye umlando ngokuba ngowokuqala ukuphuma kule ndlu esaqhoqhobele lesi sikhundla njengoba osuke ekusona engakwazi ukuphakanyiswa kulabo abazovotelwa ukuphuma.

Kulokhu uBig Brother wenze okwehlukile njengoba eqhamuke nesinqumo sokuthi ukunqoba kuka Ashay okwesithathu ngeke kumvimbe ukuze angaphakanyiswa njengoba egcine ephakanyiswa kwaze kwaba uyahluleka wukuthola amavoti anele kwaba wukuphuma kwakhe kulolu hlelo.

Ekhuluma neLANGA u-Ashay ukuvezile ukuthi samdumaza isinqumo sikaBig Brother sokuqhamuka nalolu hlelo olwagcina luhlenga uLiema.

Uthe ukungaphakanyiswa kwalowo oqhoqhobele isikhundla se-HOH yikhona obekumkhuthaza kumnike umfutho wokusilwela ngoba besimbeka ethubeni lokufinyelela kowamanqamu.

“Angifuni ukungasho ngadumala ngesinqumo sikaBig Brother kodwa ke akukho esingakusho ngoba ekugcineni umncintiswano. Kodwa ukuqhamuka nesinqumo esinjengalesi sekusondele owamanqamu kwangithena amandla,” kusho u-Ashay.

Uveze ukuthi ukuthokozele ukuhlala kule ndlu futhi ubenesifiso sokuthi aze aphume kuyona ngosuku lokugcina.

“Nakuba kungaqalanga kwabalula kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngigcine ngijwayela ngakwazi nokwakha abangani engigcine ngibathatha njengamalungu omndeni wami,” kusho yena.

Uvumile ukuthi zibe khona izikhawu ebezibuye zibe nzima kodwa wakwazi ukuzinqoba wadlula kuzona.

“Kwesinye isikhathi bekubuye kuzwele ukuhlala kule ndlu ngoba uma ungumuntu onenhliziyo enhle lokhu bekubuye kungakusebenzeli,” esho.

Uthe njengoba esephumile kule ndlu ubona uThandeka esethubeni elihle lokunqoba.

“Indlela akwazile ukudlala umdlalo wakhe kule ndlu kumenze wahambisana nengqikithi yalo nyaka Bazozwa. Impela besizwa ngaye uThandeka futhi ngiyamhlonipha ngalokho,” kusho u-Ashay.

Uthe uyafisa ukuthi angapheli emehlweni wabantu njengoba ezimisele ngokungena kwezokwethula izinhlelo zikamabonakude ikakhulukazi ezemidlalo futhi alingise uma likhona ithuba.

“Empeleni sengifuna ukungena ngigxile kulo mkhakha wezikamabokude ngisabalalise ikhono lami ngezindlela ezahlukene ukuze ngikwazi ukuvulela nabanye abaqhamuka eRichards Bay namaphethelo amathuba,” kusho yena.

Utshele leli phephandaba ukuthi mancane amathuba okubuyela ngokugcwele ebholeni likanobhutshuzwayo njengoba eke wadlalela iqembu iRichards Bay FC aveze ukuthi yamphatha kabuhlungu indlela ashiya ngayo kuleli qembu njengoba engasitshelwanga isizathu kodwa inkontileka yakhe kayizange ivuselelwe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...