Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNgqongqoshe unxusa ukubambisana ukulwa nesihlava sokukhulelwa kwabangaphansi kweminyaka

UNgqongqoshe unxusa ukubambisana ukulwa nesihlava sokukhulelwa kwabangaphansi kweminyaka

by | 2 January 2026

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu Natalu uNkk Nomagugu Simelane usenxuse nabaholi bendabuko ukuba bangenelele ukuqinisekisa ukulwa nesihlava sokukhuleliswa kwamantombazane asengaphansi kweminyaka.

Lokhu kulandela ukuthi isifundazwe samukele izingane eziwu-90 ezizalwe ngosuku lukaNcibijane ezinye zazo ezizalwe ngamantombazane asemancane ngokweminyaka.

UNkk Simelane ukhiphe isexwayiso sokuthi kuyicala ukulala nengane engaphansi kweminyaka ewu-16 ubudala.

Uthe akumele kuze kube nokuvumelana njeukulala njengane engaphansi kweminyaka ngakho umthetho kumele uthathe indawo yawo njengoba lokhu kuwukudlwengula.

Unxuse abaholi bendabuko ukuba badlale indima yabo ukuqinisekisa ukulwa nalesi sihlava uveze ukuthi akumele bavumele kuze kuhlawulwe ngalo mhlola kodwa badedele umthetho uthathe indawo yawo futhi bawabikele namaphoyisa.

UNkk Simelane uphinde wanxusa nabazali ukuba nabo badlale indima yabo ngokufundiswa izingane ngocansi nangomthetho ukuze zazi okuvumelekile nalokhu okuphambene nawo.

Uthe uhulumeni wesifundazwe usuqhamuke nohlelo olubizwa nge-anti-teenage strategy oluhlanganisa iminyango eyahlukene ezosebenza ngokubambisana ukulwa nokukhulelwa kwamantombazane ikakhulukazi lawo asengaphansi kweminyaka.

Kulesi sifundazwe ngoKhisimusi kubelethe ingane eneminyaka ewu-15 ubudala kanti ngosuku lukaNcibijane kubelethe eneminyaka ewu-16 ubudala.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...