Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNgqongqoshe unxusa ukubambisana ukulwa nesihlava sokukhulelwa kwabangaphansi kweminyaka

UNgqongqoshe unxusa ukubambisana ukulwa nesihlava sokukhulelwa kwabangaphansi kweminyaka

by | 2 January 2026

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu Natalu uNkk Nomagugu Simelane usenxuse nabaholi bendabuko ukuba bangenelele ukuqinisekisa ukulwa nesihlava sokukhuleliswa kwamantombazane asengaphansi kweminyaka.

Lokhu kulandela ukuthi isifundazwe samukele izingane eziwu-90 ezizalwe ngosuku lukaNcibijane ezinye zazo ezizalwe ngamantombazane asemancane ngokweminyaka.

UNkk Simelane ukhiphe isexwayiso sokuthi kuyicala ukulala nengane engaphansi kweminyaka ewu-16 ubudala.

Uthe akumele kuze kube nokuvumelana njeukulala njengane engaphansi kweminyaka ngakho umthetho kumele uthathe indawo yawo njengoba lokhu kuwukudlwengula.

Unxuse abaholi bendabuko ukuba badlale indima yabo ukuqinisekisa ukulwa nalesi sihlava uveze ukuthi akumele bavumele kuze kuhlawulwe ngalo mhlola kodwa badedele umthetho uthathe indawo yawo futhi bawabikele namaphoyisa.

UNkk Simelane uphinde wanxusa nabazali ukuba nabo badlale indima yabo ngokufundiswa izingane ngocansi nangomthetho ukuze zazi okuvumelekile nalokhu okuphambene nawo.

Uthe uhulumeni wesifundazwe usuqhamuke nohlelo olubizwa nge-anti-teenage strategy oluhlanganisa iminyango eyahlukene ezosebenza ngokubambisana ukulwa nokukhulelwa kwamantombazane ikakhulukazi lawo asengaphansi kweminyaka.

Kulesi sifundazwe ngoKhisimusi kubelethe ingane eneminyaka ewu-15 ubudala kanti ngosuku lukaNcibijane kubelethe eneminyaka ewu-16 ubudala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...