Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ikhihle isililo inyanga-mfundisi iphika elokubulala intombi

Ikhihle isililo inyanga-mfundisi iphika elokubulala intombi

by | 7 December 2025

NGUNKZ Thembelihle Nxumalo, okusolakala ukuthi wabulawa yinyanga-mfundisi, ebivele eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba ngoLwesibili.


UZOKWAZI ngesonto elizayo ngekusasa lakhe uMfu Musawenkosi Menyuka (48), oyanyaniswa necala lokubulala ngokugwaza amanxeba awu-48 nokushaya ngesando, owayeyintombi yakhe.

NgoLwesibili umsolwa ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba. Ungaphandle ngebheyili. Usolwa ngokubulala uNkz Thembelihle Nxumalo isidumbu sakhe esatholakala ngomhla ka-17 kuNhlolanja (February) 2020, eDukuduku, eMtubatuba.

Umufi wayegcine ukubonakala ephuma kubo, eyohlangana nomsolwa, beyokhuluma udaba lwezinsolo ezenziwa ngumsolwa ethi uthakathwa ngunina kamufi. UMenyuka utshele iNkantolo ukuthi ngalolo suku babezobuye bakhulume ngezinhlelo zokuqalwa komsebenzi wokugezwa isinyama kukamufi.

“Wayethe ufuna ngimnike izinto zokugeza ithunzi elibi ayehamba nalo. Ngalolu suku sasizobuye sikhulume ngodaba lokuthi mina ngithakathwa ngumama wakhe.

“Angikwazanga ukuhlangana naye, kodwa emuva kokuba sengizwile ukuthi kutholakale isidumbu sakhe, ngabikela induna yendawo, ngiyazisa ngesigameko,” esho.

Umshushisi uyalele ukuba athathe iphepha elinezithombe zowesifazane obulewe. Lo mfundisi obuye abe yinyanga wehlulekile ukuzibamba, wakhala. Ubuziwe ukuthi yini ayibonayo emzimbeni kamufi. Uthe ubona amanxeba amaningi.

Umshushisi utshele umsolwa ukuthi kufanele abe nokukhathazeka uma ewabona ngoba nguyena umsolwa owabulala umufi. Kuvele ukuthi laba babe sebehlukene. Umsolwa wayesezinhlelweni zokulobola omunye wesifazane, atshele inkantolo ukuthi naye lona wesifazane sewashona.

UNkk Sibomngile Nxumalo ongunina kamufi, uthe namanje imphatha kabi indaba yokuthi umsolwa uqhubeka ngokumbiza ngegama lokuthi ungumthakathi.

“Mina ngaqala ukuzwa udaba lukhunywa ngabanye omama ebandleni, njengoba sonke sasikhonza ngaphansi kwakhe uMenyuka. Kwakuyibandla likababa wakhe owayebuye abe yinyanga. Esedlulile (uyise) emhlabeni, wathatha isikhundla sobufundisi, wabuye wathatha nezikhwama zikayise. Wayethandana nendodakazi yami, behlahla amasimu okwathi ngokuhamba kwesikhathi, wawathengisa ngoba efuna ukuyolobola enye intombi.

“Nginethemba lokuthi ngesonto elizayo inkantolo izokhipha isinqumo esizoletha ukududuzeka kithi siwumndeni, ngoba le ngane ayibulala yayiyithemba kimi,” kusho uNkk Nxumalo.

UMnu Mandla Gumede ongumsunguli wenhlangano, iSo leDukuduku Organisation, utshele ILANGA ukuthi ziningi izigameko ezingalungile ezenzeka kule ndawo.

“EDukuduku, eMfekayi nakwezinye izindawo, sithwele kanzima ngenxa yokwanda kwezigameko zokuhlukumezana kwabantu egameni lothando. Siyakholwa wukuthi inkantolo izokhipha isinqumo esizoletha isifundo nakwabanye abantu abahlukumeza abesifazane egameni lothando,” kuphetha uGumede.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...