Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udedelwe ngebheyili owayeyilungu lePhalamende le-ANC

Udedelwe ngebheyili owayeyilungu lePhalamende le-ANC

by | 4 February 2025

UDEDELWE ngebheyili ka-R5000 lowo owabe enguNgqongqoshe wezokuVikelwa kwoMbuso nelungu lePhalamende le-ANC uMnu Bongani Bongo obhekene necala kozama ukugwazela uSihlalo wekomidi elalijusthwe yiPhalamende ukuphenya kabanzi ngenkohlakalo eyenzeka ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni okubalwa kuzo i-Eskom, Denel ne-Transnet.

UBongo ubevele eNkantolo yeMantshi yase-Cape Town ngoLwsesibili, ngaleli cala elenzeka ngo-2017 njengoba selibuya isibili lapho kulindeleke ukuthi liqale phansi ukuqulwa.

UBongo waboshelwa leli cala ngo-2021 kodwa owayeyinhloko yamaJaji e-Western Cape uDkt. John Hlophe wawahoxisa amacala ayebhekene nawo ethi kushoda ubufakazi.

Isinqumo sika-Hlophe kasilugculisanga uphiko olwengamele ezokushushisa kuleli i-NPA njengoba yasidlulisela eNkantolo eNkulu yokweDluliswa kwamaCala eyanquma ukuthi uBongo kumele abuyele enkantolo icala lakhe liqulwe kabusha.

Enkantolo, umbuso utshele imantshi ukuthi kawuphikisani nokuthi uBongo akhululwe ngebheyili, nokuyilapho ekhululwe khona ngayo ngaphansi kwemibandela eyejwayelekile.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...