Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udedelwe ngebheyili owayeyilungu lePhalamende le-ANC

Udedelwe ngebheyili owayeyilungu lePhalamende le-ANC

by | 4 February 2025

UDEDELWE ngebheyili ka-R5000 lowo owabe enguNgqongqoshe wezokuVikelwa kwoMbuso nelungu lePhalamende le-ANC uMnu Bongani Bongo obhekene necala kozama ukugwazela uSihlalo wekomidi elalijusthwe yiPhalamende ukuphenya kabanzi ngenkohlakalo eyenzeka ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni okubalwa kuzo i-Eskom, Denel ne-Transnet.

UBongo ubevele eNkantolo yeMantshi yase-Cape Town ngoLwsesibili, ngaleli cala elenzeka ngo-2017 njengoba selibuya isibili lapho kulindeleke ukuthi liqale phansi ukuqulwa.

UBongo waboshelwa leli cala ngo-2021 kodwa owayeyinhloko yamaJaji e-Western Cape uDkt. John Hlophe wawahoxisa amacala ayebhekene nawo ethi kushoda ubufakazi.

Isinqumo sika-Hlophe kasilugculisanga uphiko olwengamele ezokushushisa kuleli i-NPA njengoba yasidlulisela eNkantolo eNkulu yokweDluliswa kwamaCala eyanquma ukuthi uBongo kumele abuyele enkantolo icala lakhe liqulwe kabusha.

Enkantolo, umbuso utshele imantshi ukuthi kawuphikisani nokuthi uBongo akhululwe ngebheyili, nokuyilapho ekhululwe khona ngayo ngaphansi kwemibandela eyejwayelekile.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...