Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indodakazi kaZuma enkantolo ngezibhelu zikaNtulikazi 2021

Indodakazi kaZuma enkantolo ngezibhelu zikaNtulikazi 2021

by | 29 January 2025

AMALUNGU eMK Party, kulindeleke ukuthi agcwale izitaladi zeTheku, ngoLwesine, ezokweseka uNkk Duduzile Zuma- Sambudla oyindodakazi kaMengameli waleli qembu uMnu Jacob Zuma.

UNkk Zuma-Sambula, uzovela eNkantolo yeMantshi, eThekwini, njengoba ebhekene namacala ancikene nezibhelu zikaNtulikazi (July unrests) zango-2021, lapho abantu, KwaZulu-Natal naseGauteng ,bavuka umbhejazana bazitapela ezitolo baphinde balimaza nempahla.

Kwadaleka umonakalo omkhulu emnothweni wezwe, ngenxa yalezi zibhelu, futhi babalelwa ku-300 abantu abafa ngenxa yazo.

UNkk. Zuma-Sambula, usolwa ngokuthi ungomunye wababekhuthaza abantu esebenzisa izinkundla zokuxhumana, ethi abaqhubeke batape ezitolo.

Ngo-2022, uPhiko lwezokuShushisa kuleli, iNational Prosecution Authority (NPA), yathi isabheka ukuthi indodakazi kaMsholozi, izokwethweswa yini amacala.

Isinqumo sesithathiwe njengoba uDuduzile ezovela enkantolo ngoLwesine.

UDuduzile useyulungu lePhalamende likazwelonke lapho emele khona iMK Party.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...