Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indodakazi kaZuma enkantolo ngezibhelu zikaNtulikazi 2021

Indodakazi kaZuma enkantolo ngezibhelu zikaNtulikazi 2021

by | 29 January 2025

AMALUNGU eMK Party, kulindeleke ukuthi agcwale izitaladi zeTheku, ngoLwesine, ezokweseka uNkk Duduzile Zuma- Sambudla oyindodakazi kaMengameli waleli qembu uMnu Jacob Zuma.

UNkk Zuma-Sambula, uzovela eNkantolo yeMantshi, eThekwini, njengoba ebhekene namacala ancikene nezibhelu zikaNtulikazi (July unrests) zango-2021, lapho abantu, KwaZulu-Natal naseGauteng ,bavuka umbhejazana bazitapela ezitolo baphinde balimaza nempahla.

Kwadaleka umonakalo omkhulu emnothweni wezwe, ngenxa yalezi zibhelu, futhi babalelwa ku-300 abantu abafa ngenxa yazo.

UNkk. Zuma-Sambula, usolwa ngokuthi ungomunye wababekhuthaza abantu esebenzisa izinkundla zokuxhumana, ethi abaqhubeke batape ezitolo.

Ngo-2022, uPhiko lwezokuShushisa kuleli, iNational Prosecution Authority (NPA), yathi isabheka ukuthi indodakazi kaMsholozi, izokwethweswa yini amacala.

Isinqumo sesithathiwe njengoba uDuduzile ezovela enkantolo ngoLwesine.

UDuduzile useyulungu lePhalamende likazwelonke lapho emele khona iMK Party.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...