Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNyazi luhambisa izibusiso eSwaziland

UNyazi luhambisa izibusiso eSwaziland

by | 20 May 2025

UZOBUSISA bonke abaholi bemikhakha eyehlukene eSwaziland umholi webandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni iNkosi Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe. Namuhla ngoLwesibili uNyazi lufulathele elakuleli lalibangisa kuleliya lizwe eliholwa yiNgonyama Makhosetive ‘Mswati III’ Dlamini.

Lo mholi uvale ngokusemthethweni umhlangano wamakholwa ebandla lakhe wamasonto amathathu obubanjelwe KwaJobe, eJozini. Minyaka yonke lo mholi ukhipha imihlangano ehanjiswa ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe. Owasenyakatho umhlangano uwuvala ngokuthi angene kuleliya lizwe. Lo wunyaka wesithathu uNyazi lungena eSwaziland emuva kokuba ngonyaka ka-2023 lwaphiwa indawo yiNgonyama uMswati III.

Okhulumela leli bandla uMnu Thokozani Mncwabe utshele ILANGA ukuthi umholi ufulathele elakuleli ngoba kufanele ayobusisa izakhamizi neziphathimandla zakuleliya lizwe. “Amakholwa asuka kuleli nalawo angaphakathi kwelaseSwaziland ankanise emngceleni ohlukanisa elakuleli naleliya iGolela. Abanye bayamphelezela. Abangaphakathi bayamemukela. Miningi nje imigidi eqhubekayo emngceleni. Kuningi azokwenza kuleliya lizwe,” kusho uMncwabe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...