Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lunqunywe ngokusemthethweni olokhetho luka 2026

Lunqunywe ngokusemthethweni olokhetho luka 2026

by | 7 August 2026

SEKUSEMTHETHWENI ukuthi ukhetho loHulumeni baseKhaya lakulonyaka luzokuba ngomhlaka 4 kuNovember. Lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, esayine ngokusemthethweni lolu suku njengolokusingatha ukhetho.

Ukusayinwa kwalolu suku kusho ukuthi seyingaqala imiviliyelo yokukhankasa yamaqembu ezombusazwe. UHlabisa uthi akasekho ukubuyela emuva

.
“Besilokhu sikhuluma ngomhlaka 4 November kodwa namuhla lokho sikushicilela phansi, lolu suku sekuyilo yilo elokhetho. Izakhamizi zakuleli kumele zisebenzise lolu suku ukuletha ushintsho loHulumeni basekhaya,” esho.


Khonamanjalo, ikhomishini yezokhetho kuleli i-IEC, ikhumbuze izakhamizi zakuleli ukuthi usuku lwanamhlanje lungolokugcina ekubhaliseleni ukuvota. Isikhulu esiphezulu se-IEC, uMnu Sy Mamabolo uthi izakhamizi zakuleli kumele zilisebenzise leli thuba zibhalisele ukuvota njengoba lizovalwa ngo12h00 ebsuku.

Uthi ngemuva kwalokhu i-IEC Izobe seyiqhubeka nezinye izinhlelo zalolu khetho. Kulindeleke ukuthi i-IEC yethule umbiko ngokulungela kwayo ukhetho namuhla.

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...