
SEKUSEMTHETHWENI ukuthi ukhetho loHulumeni baseKhaya lakulonyaka luzokuba ngomhlaka 4 kuNovember. Lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, esayine ngokusemthethweni lolu suku njengolokusingatha ukhetho.
Ukusayinwa kwalolu suku kusho ukuthi seyingaqala imiviliyelo yokukhankasa yamaqembu ezombusazwe. UHlabisa uthi akasekho ukubuyela emuva
.
“Besilokhu sikhuluma ngomhlaka 4 November kodwa namuhla lokho sikushicilela phansi, lolu suku sekuyilo yilo elokhetho. Izakhamizi zakuleli kumele zisebenzise lolu suku ukuletha ushintsho loHulumeni basekhaya,” esho.
Khonamanjalo, ikhomishini yezokhetho kuleli i-IEC, ikhumbuze izakhamizi zakuleli ukuthi usuku lwanamhlanje lungolokugcina ekubhaliseleni ukuvota. Isikhulu esiphezulu se-IEC, uMnu Sy Mamabolo uthi izakhamizi zakuleli kumele zilisebenzise leli thuba zibhalisele ukuvota njengoba lizovalwa ngo12h00 ebsuku.
Uthi ngemuva kwalokhu i-IEC Izobe seyiqhubeka nezinye izinhlelo zalolu khetho. Kulindeleke ukuthi i-IEC yethule umbiko ngokulungela kwayo ukhetho namuhla.







