Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuzokhulekelwa amaholidi aphephile kowe-Asiphephe Gospel Festival

Kuzokhulekelwa amaholidi aphephile kowe-Asiphephe Gospel Festival

by | 4 November 2025

KUZOKHULEKELWA ukuphepha kwasemgwaqweni namaholidi okuphela konyaka emcimbini Asiphephe Gospel Festival ozoba sehholo iSibusisiwe eMandini ngomhla ka-5 kuZibandlela kophezulu.

Lo mcimbi uzobe ugabe ngabaculi be-gospel okubalwa kubo u-Ayanda Ntanzi, Jumbo, Sindi Ntombela, Phindi P, Sbu Noah, Sabatha Mthethwa nabanye.

Ngokusho kukaSiyabonga Zikode ongumhleli walo mcimbi uveze ukuthi isikhathi sokuphela konyaka ngesenjabulo nokuhlangana kwemindeni nabangabani.

“Kiningi okwenzekayo ngalesi sikhathi sonyaka kanti kumqoka ukuthi ngaso sonke isikhathi ngaphambi kwakho konke sisondeze abantu kuMdali. Njengoba kuyona uyonke imicimbi kuqalwa ngomkhuleko nathi sibone ukuthi la maholidi masiwaqale ngawo umkhuleko ukuze sikhuthaze ukuphepha,” kusho uZikode ongusomabhizinisi osezakhele igama emkhakheni womculo nesitolo sokudlela.

UZikode uveze ukuthi ngalo mcimbi unxusa abantu baseMandini namaphethelo baphume ngobuningi ukuzodumisa nokubusisa ngaphambi kwesiphithiphi samaholidi okuphela konyaka.

“Siyacela abantu basheshe bawathenge amathikithi ukugwema ukuphoxeka uma sekusondela umcimbi njengoba ethengiswa ubuthaphuthaphu,” kusho uZikode ophinde aziwe ngelikaDJ Kotin kulo mkhakha wezikaqedisizungu.

Udalule ukuthi okunye anxusa abantu ngakho wukuthi amathikithi adayiswa ngezigaba njengoba kunezigaba esezidlulelwe isikhathi okusho ukuthi azolokhu enyuka ngokusondela komcimbi.

Amathikithi alo mcimbi asaqhubeka nokutholakala eComputickets kusukela ngo-R200 ajwayelekile kuya ku-R400 awezicukuthwane kanti ngokuhamba kwesikhathi azonyuka.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....