
INKAKHA yomlingisi uBaby Cele uhlose ukufukula intsha nabesifazane emncintiswaneni we-netball obizwa ngeBaby Cele’s Royal Beach Netball Cup ozoba soThuthwini, eMthwalume mhla ka 09 August, ngeSonto. Lo mlingisi uthi umdlalo we-netball ukhule ewuthanda nakuba engazange avelele kuwona ngenxa yobufishane. “Lolu hlobo lo mdlalo alusakutholi ukunakwa ngaleyo ndlela, akusafani nakudala. Kimina kuyindlela yokuwuvuselela ngoba ngangiwukhonzile,” esho.
Njengoba uzodlalwa ngosuku lokubungazwa kwabesifazane uthi ukubone kufanele ukuthi kube nezinhlelo ezizobhekana nabo ngqo. Okubalwa kuzo ezempilo, izindlela zokuphatha imali, ezamabhizinisi nokunye okuningi. Lokhu uzokwenza ngokumema izazi kulemikhakha ukuze zichushise abesifazane.
“Ngibone kuyisikhathi esihle sokuthi sihlangane, sikhulisane futhi sixoxe ngezinto esidlula kuzo. Kunabesifazane abasezicathulweni zami njengoba ngisanda kulahlekelwa wumyeni. Sizobonisana ukuthi kucathulwa kanjani ezimweni ezikanje ngoba siyadingana,” esho.
Lo msebenzi uwenza ngokubambisana noBusani Mpanza weMSN Creative and Sport Development NPC noMntwana uPhumla Luthuli waseBukhosini bakwaLuthuli. Nakuba edlula esikhathini esinzima njengoba elahlekelwe wumyeni wakhe ezinyangeni ezintathu ezedlule ngemuva kokugula isikhashana, kepha impilo kumele iqhubeke.
“Kunzima kunjalo ngiphoqeleke ukuthi ngisukume ngizithintithe ngoba besekunzima nasezinganeni zami. Bezingazi ukuthi kumele zithini kimina ngenxa yesimo ebengikuso. Ngibe nemibuzo eminingi ngokuhamba komyeni, ngingazi ukuthi ngizophila kanjani. Ngizibuza ukuthi kungani uNkulunkulu angiphuce yena ngemuva kokudlula kumadivozi,” ebalisa.
Uthi isithombe sokubona umyeni wakhe ephefumula okokugcina singesinzima kakhulu. “Ngisesigabeni lapho ngingazazi nokuthi ngiwubani, angisesiye lomuntu ebengiwuye. Angizazi ngimiphi, kusazothatha isikhathi ukuba ngiphole,” kuchaza yena. Uchaza umyeni wakhe njengomuntu abemnikwe yithongo njengoba eshadele esithenjini.
Ebuzwa ukuthi umtasa nani kwezokulingisa uthi ubekade eshutha u-season 2 weHomecoming, kukhona nokwakuNetflix kepha angeke akwazi ukukuveza okwamanje.







