Ilanga News
Home 9 Featured 9 INingizimu Afrika izothumela ithimba eMelika

INingizimu Afrika izothumela ithimba eMelika

by | 28 February 2025

UNGQONGQOSHE eHhovisini likaMengameli waseNingizimu Afrika, uNksz Khumbuzdo Ntshavheni, isinxuse abantu bakuleli ukuthi behlise umoya ngodaba lwaseMelika ngoba uhulumeni wezwe uzothumela elakhe ithimba eWhite House, eziNdlini zoMbuso waseMelika.

Sekube nokujikijelana ngamazwi phakathi kwezinhlangano ezilwela amalungelo amaBhunu, okuyi-AfriForum, iSolidaity, noMengameli uCyril Ramaphosa. Lokhu kudalwe uhambo oluthathwe yithimba lalezi zinhlangano zamaBhunu, njengoba ziye eWhite House, zayohlangana nabamele uhulumeni kamengameli waseMelika, uMnu. uDonald Trump.

UMengameli uRamaphosa, uthi besingekho isidingo salolu hambo lwethimba lwamaBhunu, ngoba wudaba lwaseNingizimu Afrika lolu, olubasuse lapha. Uthi bekufanele lukhulunywe futhi luxazululwe ekhaya, hhayi kufakwe amazwe angaphandle.
Udaba lususwe umthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Ungqogqoshe uNtshavheni, uthi ithimba likahulumeni waseNingizimu Afrika, lizoya eMelika maduze nje.


“Sifuna ukuyochazela iMelika ukuthi lomthetho awuzukusebenza ngendlela abatshelwa ngayo yi-AfriForum neSolidarity. Bona bekufanele batshelwe nguhulumeni waseNingizimu Afrika, ngalomthetho hhayi izinhlangano ezifaka ingcindezi. Ithimba lethu lizoyohlenga ubudlelwano bethu neMelika, ngoba sekukhona abavele babudunga nje, singekho isidingo,” echaza.


UMqondisi Jikelele kwi-AfriForum, uMnu Kallie Kriel, uthi alikho nelincane iphutha abalenza ngokuya eMelika.
“Thina saya eWhite House, siyonxusa ukuthi kungajeziswa abantu abangenacala eNingizimu Afrika. Umuntu okufanele aphendule nguyena uMengameli uRamaphosa ne-ANC, ngokushaya umthetho othatha umhlaba wamaBhunu ngaphandle kwsinxephezelo,” kusho uMnu Kriel.


NeSilo samaZulu, iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini, ngesikhathi sivula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, izolo, ngoLwesine sithe abantu bakuleli abangangenwa ngamanzi emadolweni ngoba bangakwazi ukuphila ngaphandle koxhaso lwaseMelika.

UMengameli waseMelika, uTrump, wazibhoncula izikhonkwane zoxhaso obelutholwa yiNingizimu Afrika ezweni lakhe, obelusiza ekusabalaliseni imishanguzo yeHIV nezifo ezingamahlalakhona. IMelika ibuka iNingizimu Afrika ngamanye amehlo njegoba ibuye ibe nobudlelwano neRussia neChina, okuyizitha ezindala zeMelika.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...