
AKAZISOLI ngokuthatha ikhefu emculweni umlingisi woZalo oqokwe koweBest Supporting Actor emcimbini iSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, uBandile Maphalala.
UMaphalala, odlala indawo kaHawu kulo mdlalo okhonjiswa esiteshini sikamabonakude iSABC 1 phakathi nezinsuku, waziwa ngelikaDr Bone emculweni kanti waduma ngokuba ngumrepha wokuqala ukuhlanganyela nenkakha kamaskandi engasekho emhlabeni, uMtshengiseni iNdidane Gcwensa engomeni esihloko sithi “Noma Bengakhuluma”, ayikhipha ngo-2016.
Ngaphambi kwalokho, waba sematheni ehlabana ngendondo yeBest Rap Song koweSouth African Traditional Music Achievements (Satma) Awards ngo-2014. UDr Bone uke wasayina nesikhondlakhondla senkampani esabalalisa umculo emhlabeni jikelele, iWarner Music South Africa, wakhipha i-albhamu, waphinde wenza umzungezo wamazwe ahlukene.
Uthathe ikhefu emculweni ngesikhathi kusabalala ubhubhane iCovid 19 emhlabeni, wabe esevusa ithalente lokulingisa njengoba ngo-2022 waqala ngokubonakala kwifilimu eyakhonjiswa kuMzansi Magic, ebizwa ngokuthi “KwaNgehla”, ngaphambi kokuba abonakala emdlalweni kamabonakude “ISifiso”, esiteshini esifanayo.

Ngonyaka olandelayo waqala ukubonakala kuZalo edlala indawo kaHawu njengoba esekhombise ukukhula kule ndawo.
“Lo mzimba wami unabantu bawo abawuholayo, okwami wukuthi ngihloniphe indlela abangikhombisa yona bese ngiyalandela. Kwaba yiso leso ngesikhathi bengikhombisa enye indlela engingawusebenzisa ngawo lo mzimba,” kusho yena.
Uthe usenayo intshisekelo yokubuyela emculweni, inqobo nje uma labo abamholayo bevuma. Uthe konke okwenzeka empilweni yakhe kwenzeka ngesikhathi esifanele.
“Uma isikhathi sesivuma, ngizobuyela emculweni,” kusho yena. Mayelana nokuqokwa kwakhe kwiSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, uDr Bone uthe uzizwa ethobekile futhi ejabule ngoba nendawo ayidlalayo kaHawu iyakhula kulo mdlalo obalwa neminye ehamba phambili kumabonakude wakuleli.







