
UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) sebuthathe isinqumo sokuthi minyaka yonke ngomhla ka-27 kuNcwaba (August), okuwusuku lokuzalwa komsunguli waleli qembu, uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, kube wusuku olubizwa ngePrince Mangosuthu Buthelezi Day.
Lokhu kuvezwe nguMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa. Ubekhuluma kwindumezulu yomgubho weminyaka ewu-50 kwasungulwa i-IFP, obusenkundleni yezemidlalo, iPrince Mangosuthu Buthelezi, oNdini, ngeSonto.
I-IFP yasungulwa nguMntwana waKwaPhindangene ngomhla ka-21 kuNdasa (March) ngo-1975, KwaNzimela, eMelmoth.
UHlabisa utshele izinkumbi zabalandeli namalungu e-IFP ebezethamele lo mbuthano, ukuthi ngalolu suku (Prince Mangosuthu Buthelezi Day) oluzogujwa minyaka yonke, izinhlaka zeqembu ezahlukene, zizophuma ziyokwenza imisebenzi yomphakathi, okuhlanganisa nokutshalwa kwezingadi, zilekelele izinhlangano ezingenzi inzuzo nemifelandawonye.
“Lokhu kuyoba wuphawu lokuthi uMntwana waKwaPhindangene waba yisisebenzi somphakathi esiqotho,” kusho uHlabisa.
Uthe ukugubha kwe-IFP oNdini kuyinto enkulu ngoba ukwakhiwa kwedolobha lasoLundi kwaba wumsebenzi kaMntwana waKwa Phindangene.
“Nizokhumbula ukuthi lapha oNdini kwakuyihlathi, kodwa uMntwana waKwaPhindangene walishintsha, wakha idolobha,” kusho uHlabisa.
Uthe ngalo mgubho iqembu lethulela uMntwana waKwaPhindangene umnqwazi, limchoma uphaphe lwegwalagwala ngokusungula i-IFP.
Utshele izinkumbi ebezethamele umcimbi ukuthi i-IFP yasungulelwa ukuthuthukisa imiphakathi yabamnyama. Abebethamele umcimbi bancele kogwansile, uHlabisa ebasikela kwelinonile ngomlando we-IFP, kusukela iqembu lisungulwa.
UHlabisa uthe i-IFP yakhelwa ukuphila phakade. Uphawule nangokuthi uMntwana waKwaPhindangene wesekwa nguMbhishobhi u-Alpheus Zulu webandla i-Anglican, ngombono wokwakha leli qembu.
Uthi nguyena uMbhishobhi uZulu owaphakamisa ukuba iqembu libizwe ngokuthi yiNkatha, esusela kwiNkatha KaZulu eyayi sungulwe yiSilo uSolomon kaDinuzulu ngeminyaka yo-1920.
Yasungulwa lapho-ke i-IFP KwaNzimela, eMelmoth ngawo u-1975. Enkulumweni yakhe uHlabisa, uphawule nangezihloko ezahlukene okubalwa kuzona intuthuko yezomnotho, ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, nokulwa nobubha nokulwela inkululeko yabamnyama.
Uthembise nokuthi i-IFP izobalwela abantu abangenawo amandla okuzilwela. Uphawule nangokubaluleka kokubuyiswa kwesithunzi samakhosi, wathi amakhosi kumele anikwe amandla.
“Amakhosi mawangenziwa izibankwa ezethamela imicimbi kahulumeni,” kusho uHlabisa.
Ugcizelele ukubaluleka kophiko lwentsha, i-IFP Youth Brigade, wathi linomsebenzi osemqoka kakhulu. Uthe lolu phiko yilona okumele luzibambe ziqine ngoba yilona oluzobe luhola iqembu eminyakeni ezayo ngoba bona njengabaholi asebekhulile,isikhathi sabo sesiyaphela.
Ukhulume nangokuthi ukusuka manje kuya phambili, kumele kusetshenzelwe ukusimamisa iqembu, lisabalale kuzona zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika.
Ubonge wonke amalungu eqembu, ikakhulukazi amavolontiya enza imisebenzi yeqembu ngokuzikhandla. Lo mcimbi bewuzinyaziswe nangabaqhamuka emaqenjini ehlukene, okubalwa kubona abaholi beDA esifundazweni nakuzwelonke, nezicukuthwane ebeziqhamuka kwamanye amazwe.