Ilanga News
Home 9 Featured 9 INkosi ikhuza ubuvila emadodeni

INkosi ikhuza ubuvila emadodeni

by | 25 May 2025

IYALE amadoda nezinsizwa zesizwe sayo ukuba enze intando nenjongo yokudalwa kwawo iNkosi yesizwe sakwaMngomezulu eNgwavuma.

Inkosi yalesi sizwe uMnu Mphumeleli ‘Lubelo II’ Mngomezulu ibe yethula inkulumo yosuku emcimbini wokubungaza usuku lwamagugu ase-Africa obe ubanjelwe enkundleni yezemidlalo eLundini khona eNgwavuma ngoMgqibelo.

Usuku lwamagugu ase-Africa lugujwa minyaka yonke njalo ngomhlaka 25 kuNhlaba (May).

Sekuwunyaka wesihlanu isize sakwaMngomezulu sibungaza lolu suku.

Kulesi sizwe lolu suku lubungazwa ngokuthi kuhutshwe amahubo esizwe okunenkolelo yokuthi awumthandazo ohxhumanisa izinyanya zesizwe kanye nabasaphila.

Kuphinde kube nezingaba zokusinwa kwengoma yamabutho abizwa ngokuthi ngamajaha ngolwimi lwaseNgwavuma.

Omama abasuke behlobe ngemvunulo yakulesi sizwe bona babizwa ngokuthi ‘lutsango’ kanti amatshitshi wona abizwa ngegama elijwayelekile ezizweni eziningi elithi ‘imbali’ yesizwe.

Ngakolunye uhlangothi kulesi sizwe lomcimbi ubungazwa ngokuthi kube nezinkulumo ezahlukene ezivela kuzithunywa zeminyango eyahlukene okubalwa kuyona nowokuhlunyeleliswa kwezimilo.

NgoMgqibelo bekugxilwe esishlokweni sokuthi amadoda kufanele ayeke ubuvila emakhaya nasemiphakathini ahlala kuyona kodwa akhuthalele ukuba kwakhiwe amadoda azokhula abuse izwe.

Inkosi yesizwe inxuse amadoda ukuba abuyelwe wunembeza.

“Madoda vikelani izingane nabesifazane lapho enihlala khona. Indoda kufanele iyazi futhi iyiqonde injongo yokudalwa kwayo nguNkulunkulu. Elinye ivangeli okufanele lishunyayelwe ngelokuba amadoda akhuthale nasemakhaya ukuze kuzohlala kunenjabulo. Ukukhuthala kwendoda kwandisa amathuba okuba sibe nabantu abazokhula bayise phambili izwe. Lapha KwaZulu-Natal kasiwadingi amadoda aashaya abantu besifazane kodwa indoda eqotho iyayazi induku okushaywa ngayo owesifazane. Kuyathokozisa nokwanda kwesibalo sezithunywa ezivela eminyangweni kahulumeni zizokwethula imiyalezo eziyiphathisiwe eminyangweni eziyisebenzelayo,” kuphetha uMngomezulu.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...