
USHIYE abantu bengawuvali umlomo umhlengi (male nurse) wesibhedlela iKhombe ngesikhathi eshadelwa ngamakhosikazi amathathu ngosuku olulodwa. Abantu bebephume ngobuningi babo kulo mshado, beyoqinisekisa ukuthi uMnu Khayelihle Khoza ushadelwa ngamakhosikazi amathathu ngempela yini.
Lapha ubeshadelwa nguNkk Xolile uMantombela ongumamkhulu, uNkk Khethukuthula uMaCebekhulu ongowesibili, noNkk Nokuphiwa uMaMchunu ongumagcino. Le ndumezulu yomshado iqale ngoLwesine ehhotela eBabanango yaphelela ekhaya eThalaneni, eNkandla ngoMgqibelo lapho bekusindwe ngobethole, kuhlatshwe izinkomo eziwu-5.
UKhoza ubafake izindandatho ngokwehlukana, kodwa yena uyifakwe yinkosikazi endala kuphela, kwathi lawa amanye afunga phezu kwayo. Okuqaphelekile kulo mshado wukuthi bekwenzeka izinto ngendlela engajwayelekile.
Ubuhlukene izigaba ezimbili; kukhona uhlelo obeluphethwe ngumfundisi okunguyena oqale wabenzisa izifungo, ngaphambi kokuba kudlulelwe komkhulu (reception). Esigabeni sokuqala kuqale kwafika unkosikazi omdala uMaNtombela ebanjwe ngengalo nguyise uMnu Sifiso Ntombela. Wafike wenza izifungo zakhe, waqeda wafaka uKhoza indandatho qede wahlala phansi, walinda abalandelayo.
Kuthe sekumele kuze owesibili uMaCebekhulu, kwaqalwa ngokuthi uMaNtombela asayine iConsent Form okuyincwadi evela enkantolo eqinisekisa ukuthi uyavuma ukuba uKhoza ashade naye. Kuqhutshekwe nohlelo lokufungisa, uMaCebekhulu ufike ebanjwe ngengalo ngumfowabo uMnu Senzo Cebekhulu. Kube sekulandela uMaMchunu naye oqale wasayina iConsent Form ngaphambi kokuba enze ezakhe izifungo.
Kube sekubusiswa umshado wabo, bebambene ngezandla bonke, kwadlulelwa kubhazabhaza wetende obufakwe ngaphakathi ehhotela. Amakhosikazi kaKhoza abegqoke izingubo ezingefani ezigabeni zombili zomshado. Esigabeni sesibili kulapho kufike kwashikisha khona ufudu, uKhoza edansa aze akhase phansi, ephakamise iminwe emithathu ecacisa ukuthi ushadelwe ngamakhosikazi amathathu, kubonakala ukuthi uyafa yinjabulo.
Uhlelo lwakhona luqale ngokuthi omakoti bangene ngokwehlukana nabakhaphi babo abehlukene. UKhoza ubebahlangabeza ngokulandelana kwabo, ngamunye. Ubefike amshiye etafuleni bese elanda omunye baze baphelele bonke. Ematafuleni bekukele amakhekhe alinganiselwa kwawu-8. Imindeni yomakoti ngokwehlukana kwabo, ibiphume ngobuningi bayo ihlaliswe ngokwehlukana.
Isikhulumi uNkk uNompumelelo Duma kube nguye yedwa owamukele omakoti bonke esigabeni sokuba ngomama (mother land). UKhoza yena wamukelwe nguSolwazi uNgogi Mahaye esigabeni sokuba ngubaba (father land). Isigaba esichaze kakhulu izihambeli kube yileso sokusikwa kwekhekhe. Omakoti babambisane nomyeni wabo, basika amakhekhe ngokwehlukana, umakoti ngamunye ubenekhekhe lakhe. Bobathathu babe sebewadlulisela kubazali bakaKhoza ngokunjalo noKhoza wanika abakhwekazi bakhe bobathathu.







