
USIZI luzwa olunye kumfundi (17), wesikole samabanga aphakeme eMtubatuba, ozame ukuzibulala ngokuphuza inqwaba yamaphilisi ngoba egconwe ngothisha ngokufeyila kwakhe ikota yokuqala kulo nyaka.
Kubikwa ukuthi lo mfundi (eligodliwe igama lakhe ukumvikela), owenza uGrade 11, eNkodibe High School, eMtubatuba, usesaba nokubuyela esikoleni njengoba ededelwe esibhedlela ngemuva kwesigameko sokuzama ukuzibulala, esenzeke emqashweni ahlala kuwona, ngeledlule. Kuthiwa ngoLwesibili kusize ukufika komunye umfundi emqashweni, omfice ekhihliza amagwebu, ngemuva kokuphuza amaphilisi ezama ukuzibulala.
Eceleni kwakhe kutholakale iheheba lencwadi echaza ngembangela yokuthatha isinqumo sokuzibulala. ILANGA liyibonile le ncwadi egagula amagama othisha, athi bahlekise ngaye phambi kwezinye izingane ngoba efeyilile. Uyachaza ukuthi akukho abengakwenza ngoba uphenduke ihlaya ngokungaphasi kwakhe.
ILANGA likhulume nomthombo walo olitshele ukuthi lolu daba lunyathelwa ngezinyawo, lukhulunyelwa phansi sengathi kalukaze lwenzeke. Uthi ngisho iziphathimandla eMnyangweni wezeMfundo esiFundeni, zithule yize sezilwazi udaba. Umthombo uthi lo mfundi akanabo abazali, uhlala emqashweni ngoba esondelela isikole.
“Ingane ibe nenkinga esikoleni ngoba kunothisha oyigconile ngokufeyila kwayo ikota yokuqala, wayibiza ngoNumber 69, okuyinombolo yomfundi osuke engenzanga kahle esikoleni. Lokhu kuholele ekutheni izingane ziyihleke, okuyinto engehlanga kahle kuyona. Uthisha uphinde wayitshela ukuthi izogcwalisa isibalo nje, kwaGrade 11, kumele idedele ezinye izingane. Umfundi ufike emqashweni wabhala incwadi, maqede waphuza amaphilisi ezama ukuzibulala,” kusho umthombo.
UNkz Nokuthula Khumalo, ongomunye wabaphuthumise lo mfundi emtholampilo, uthe bamfice ekhihliza amagwebu emqashweni wakhe. Uthi bazamile ukuthola umuntu osondelene naye (umfundi), kodwa behluleka.
“Emtholampilo bamdlulisele esibhedlela KwaHlabisa. Into esiyitholile wukuthi unina washona, usele noninakhulu yena oseMfekaye, okuyibanga nalapho lo mfundi eqashe khona. Usephumile esibhedlela, uyesaba ukubuyela esikoleni eyokwenziwa inhlekisa,” kusho uNkz Khumalo.
ILANGA lithole ukuthi umfundi useyesaba ukuyobhalisa esikoleni esisha. Imizamo yeLANGA yokuthola ukuphawula kokhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, kayiphumelelanga, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ucingo lwakhe lukhala kodwa lungabanjwa.







