Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Owokholo ukhala ngokugxambukela kowoKhozi, ekhuluma nabalandeli

Owokholo ukhala ngokugxambukela kowoKhozi, ekhuluma nabalandeli

by | 19 June 2026

INTANDOKAZI yomculi we-gospel, okuthiwa ixabane nomsakazi woKhozi FM, ngokuncishwa isikhathi sokunandisa kuMzumbe Maskandi Festival, ikhala ngokugxambukela kwalo msakazi ngesikhathi ikhuluma nabalandeli bayo, ngokwenzeke kuyona kulo mcimbi obungoJune 16, Esibanini Sports Ground.

Kulo mcimbi obubophele izintandokazi zabaculi bakamaskadi, uJumbo unandise imizuzu emithathu maqede waphuma, basala abantu bememeza, bethi makabuye, wagcina engabuyanga.

Emuva kwalesi sigameko, ubhale kwiFacebook, ekhala ngomunye wabahleli bawo, okunguZama Mseleku woKhozi FM, ethi uyaxolisa kubalandeli bakhe baseMzumbe.

Uthe okumphathe kabi njengoba esheshe waphuma, wukuthi uZama Mseleku uthe, amaciko akhona wonke, futhi kunezikhathi abekelwe zona ukuthi azongena ngazo.

Ngenxa yalokho, uthe wenze ngendlela uZama amcele ngayo, ukuthi angene isikhathi esincane, ngoba bekucaca ukuthi isiteji ngesabaculi abavelele, hhayi abasafufusa njengaye.

Uthe naye uyoze afike ezingeni labaculi abavelele, naye anikwe ithuba.

Ebuzwa yiLANGA Lempelasnto ngale nkulumo, uJumbo uthe ubengayibhekisile kuZama, kodwa ubecacisela abalandeli bakhe.

“Okusho ukuthi kuyacaca ukuthi naye uZama ungomunye wabalandeli bami, njengoba ekhombise ukuphatheka kabi ngenkulumo yami.

“Ngiyavuma bengingekho ohlwini lwabazona- ndisa, kodwa bengicelile ukuzokweseka umcimbi, ngase ngenza ngale ndlela okuthiwe mangenze ngayo. Ngiyaxolisa kubalandeli.

“Nakho ukuthi ngiziveze njengomculi osafufusa, vele akumele kube yimina othi sengivelele, kodwa ngabantu ababona ukuvelela kwakho. Mina ngiyohlala ngizithobile kanje,” kusho uJumbo.

UZama uthe imphathe kabi inkulumo kaJumbo.
“Ubecelile ukuthi ngimpintshise, futhi ufone ngalo ilanga lomcimbi. Bengimnike imizuzu ewu-10, kodwa yena wakhetha ukucula emithathu.

“Nakhona ungene esikhathini sikaNtencane, esithe uma simcela, wavuma ukuthi angangena uJumbo. Akwenzile kungifundise isifundo sokuthi noma ngabe nijwayelene kanjani nomculi, ungavumi ukumpintshisa uma singekho isikhala ongamfaka kusona. 

“Okubuhlungu wukuthi wonke amaciko abeqashiwe abesekhona, futhi besikalelwe isikhathi ukuthi umcimbi uphela ngo-10 ebusuku, sekumele kuvalwe,” kusho uZama.

Ngaphandle kwalokho, umcimbi ube yimpumelelo, futhi bonke abaculi bafike ngesikhathi kugcwele kunyinyitheka.

Kuwona kuhlonishwe nomculi kamaskandi uMjolisi. NoKhuzani uphinde wahlonishwa ngomdwebo wakhe kulo mcimbi.

Kubaculi abanandisile, singabala uKhuzani, uMjolisi, uLagxabha, uNkeshemba, uMenzi, uShenge waseHlalankosi, u-Olified Khetha, uBahubhe, uNtencane, Inkosi Yamagcokama nabanye.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...