Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

by | 3 October 2026

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini.

UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna neNkosi uMaMsindazwe Ngcobo womkhandlu uQiniselani Manyuswa.

INkosi ikhiphe umyalelo kuBulose ukuba uma enqoba ukhetho kuyomele angaqhelelani nobuholi bayo .

“Engikudingayo ikhansela elizosebenzisana ngokubambisana nezinduna zami kanye nomphakathi esiwakhele. Ngakho njengoba ubuholi benhlangano sebumethulile uBulose,siyathemba ukuthi uzobayilokhu esikudingayo kule ndawo,” kusho Inkosi.

UBulose ethula inkulumo uxwayise umphakathi ngokuthemba abantu abangosikhotheni nabangafundile ukuba babahole.

“Okuthusayo abantu bavele bakhethe umuntu ongayanga nasesikoleni, bethi bayamthanda ngoba nje engiwendawo kodwa bakhohlwe ukuthi uskhotheni lo owagcina esikoleni kusagqokwa izikhindi. Namanje uyambona uyavathazela akanalp nephupho ngomphakathi awuholayo kanye nolwazi olunzulu lokuphatha. Yiyoke ingozi leyo okumele niyigweme,,” kusho uBulose .

Uthe ziningi izinhlelo abanazo zokuthuthukisa Indawo yakwaNyuswa kuward 2 okubalwa ukuthuthukiswa kwezomnotho nengqalasizinda .

UMdidiyeli kaKhongolose eThekwini uMnuz Thanduxolo Sabela utshele iNkosi ukuthi bazimisele ukuthi amakhansela abo abenobudlelwano obuhle nokusebenzisana.

“Uyabona nje uJacob Zuma uyoziphendulela lapho sonke esiyakhona ngakwenzile,” kusho uSabela.

Ubuye wakhuza Indaba yamakhansela asolwa ngenkohlakalo watgi sebekhathele ukuzi beyi-ANC bahlale besolwa ngobugebengu ngenxa yokungaziphathi kahle kwabathile.
“Okunye engifusa ukukusho yilokhu kwabantu abathi i-ANC ikhohlakale kidwa uma usuthi uyafika kulowomuntu okhalayo,umthole ukuthi utshontshe ugesi okusho ukuthi empeleni nguye ikhohlakale,,” Buchanan uBulose.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

UMBUTHO womame beBandla laseSheshi (Anglican Church) ubambe ingqungqutheka yezinsuku ezine Thekwini, eqale ngoLwesine. Le ngqungquthela yalo mbutho owaziwa ngeMothers' Union yethanyelwe yizithunywa ezibalelwa ku-2 000, ezivela ezingxenyeni ezehlukene zezwe, nakwamanye...