UGWETSHWE udilikajele neminyaka ewu-40 ngaphezulu ‘umalugaju’ olahlwe ngamacala ahlanganisa elokubulala iphoyisa lomgwaqo nelokubamba inkunzi kusetshenziswa indluzulu.
INkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine igwebe uPhilakahle Dladla (26) udilikajele ngecala lokubulala uSenior Superintendent Arumugam Marimuthoo (50) owayeyiphoyisa lomgwaqo (RTI), wagwetshwa ewu-15 kwelokubamba inkunzi kusetshenziswa indluzula, wagwetshwa ewu-15 kwelinye lokubamba inkunzi abagibeli betekisi, wagwetshwa ewu-5 kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni newu-5 kwelokutholakala nezinhlamvu. Zonke lezi zigwebo zizohambisana nesikadilikajele.
Ngokwamaphepha asenkantolo, ngosuku lwesigameko sokubulawa kwephoyisa lomgwaqo, okuwumhla ka-4 kuLwezi (November) ka-2024, uDladla kuthiwa wagibela itekisi KwaDukuza elibangise eThekwini. Kuthiwa uDladla wahlala ngaphambili etekisini eyayinabanye abagibeli. Kuthiwa ithe uma isisuka erenki, uDladla wayalela umshayeli ukuba aphume ngaseGroutville.
Kuthiwa kuthe itekisi isendleleni, uDladla wadonsa isibhamu wakhomba umshayeli wetekisi, maqede wafuna imali. Kuthiwa umshayeli wabe wamnika uR1100. Kuthiwa wabe esemyalela ukumisa itekisi. Kuthiwa wabe esekhomba ngesibhamu abagibeli etekisini, wababamba inkunzi.
Ngesikhathi esematasa uDladla ebamba abagibeli inkunzi, kuthiwa umufi waqhamuka ehamba ngeToyota Fortuner, efake nomfaniswano wamaphoyisa omgwaqo. Kuthiwa wabe eseya kule tekisi eyayimile, ebuza ukuthi kwenzekani. Kungaleso sikhathi uDladla abhekisa isibhamu kumufi, wamdubula ephindelela washonela khona lapho.
Kuthiwa umshayeli wetekisi wathola ithuba lokubaleka wayofuna usizo kanti uDladla wathatha itekisi inabagibeli, wabaleka ngayo waze wayoyishiya endaweni okuthiwa kuseThembeni, ngakhona KwaDukuza, washaya wachitha. UDladla waze waboshwa ngamaphoyisa ngomhla ka-11 kuwo uLwezi, eThubalethu, eMelmoth, lapho ayecashe khona.
Ugwetshwa nje, usalindwe wuxhaxha lwamacala asawahamba ahlanganisa awokudlwengula amaNazaretha ekomkhulu lebandla, eBuhleni, eNanda. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngoDladla ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngamacala awu-6 okubalwa kuwona awokudlwengula nelokubulala.
Kula macala okudlwengula, kwabikwa ukuthi amabili awo wawenza eBuhleni ngesikhathi amaNazaretha elungiselela inkonzo yangoNtulikazi (July). Kwabikwa ukuthi isigameko sokuqala sokudlwengula senzeka ngomhla ka-22 kuNtulikazi wango-2022. Odabeni kwavela ukuthi isisulu sasihamba namanye amakhosazana bebuya ukuyokha amanzi beya edokodweni laso ngesikhathi behlangana noDladla endleleni. Kuthiwa uDladla wakhomba isisulu namakhosazane ngesibhamu, wabaphuca omakhalekhukhwini, waxosha amakhosazane, wasala nesisulu maqede wahamba naso wayosidlwengula.
Odabeni kwabikwa ukuthi esinye isigameko senzeka khona futhi eBuhleni ngoMasingana (January) wango-2023 ngesikhathi amaNazaretha elungiselela uhambo olubheke entabeni engcwele. Kuthiwa isisulu wasingenela edokodweni, maqede wasikhomba ngesibhamu, wasiphuca umakhalekhukhwini wasesidlwengula.
Kwesinye isigameko sokudlwengula kwavela ukuthi zenzeka eHostela KwaMashu, lapho angenela khona isisulu sihleli noyise wengane, wabakhomba ngesibhamu, maqede wadlwengula isisulu kubuka uyise wengane. Esinye isigameko, kuthiwa senzeka eNdwedwe ngo-2024 lapho ahlangana khona nesisulu sihamba nesoka laso. Kuthiwa uDladla wadonsa isibhamu wadubula wabulala isoka maqede waphoqa isisulu ukuba singene naye ehlathini lapho afike wasidlwengulela khona.







