
IBHEKENE necala lokunukubeza ithwasa iNkosi yeSizwe saKwaBhidla, eBulwer evele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseHlanganani, eBulwer ngoLwesihlanu ngemuva kokuzinikela emphoyiseni. INkosi uThubalezwe Dlamini (54) isolwa ngokunukubeza ithwasa elalicele ukuba iligibelise emotweni yayo.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ziwu-4 kuNhlaba (May) ngesikhathi leli thwasa libuya kugobela walo kanti lizobhekana nale nkinga. Ngokuthola kwaleli phephandaba, isisulu esineminyaka ewu-18, sifunda e-Dlangani High School, eBulwer. Ngokwesitatimende samaphoyisa, iNkosi uDlamini izihambise yona esiteshini samaphoyisa, ihamba nommeli wayo kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi iyafunwa ngamaphoyisa ngaleli cala. Kuphiwa ibe isivela enkantolo ngalo usuku ezinikele ngalo icala lahlehliselwa uMsombuluko ukuba iyofaka isicelo sebheyili.
ILANGA likhulume nelungu lomndeni elingeke lidalulwe ukuvikela isisulu elithe, sehlela yilo mshophi nje siyathwasa. Lithe njalo uma kuyimpelasonto singayile esikoleni, siya esigodlweni sikagobela waso siyothwasa. “Njengoba kwakuyimpelasonte ende, ingane yahamba njengenjwayelo iya lapho isizwa khona. Kuthe ngeSonto ziwu-4 kuwona uMay, yabe isibuya njengoba bekumele iye esikoleni. Ibe isicela ukugitshezwa emotweni yenkosi ebihamba yodwa. Endleleni icele inkosi ukuthi iyehlise esitobhini sayo kodwa yakushaya indiva lokho, yakhiya izicabha zemoto yashaya yachitha nayo yaze yami komunye umgwaqo owubhuqu onehlathi, yayinukubezela lapho emotweni,” kusho lona.
Liqhuba ilungu lomndeni, lithi ngesikhathi inkosi inukubeza ingane, kube sekukhala ucingo lwayo, yathuka nokulapho isisulu sithole khona ithuba lokubaleka. “Ifike ekhaya yabikela elinye ilungu lomndeni kwabe sekuthintwa osonhlalakahle yayiswa nasesibhedlela lapho efike yahlolwa khona kwabe sekuvulwa necala. Kumanje ingane kayikho esimeni esikahle. Kwakhona ukuthi sithole ukuthi inkosi eyenze lokhu, kusize ukuthi ingane ikwazile ukubona imoto ebihamba ngayo okuthe uma iyichaza, kwavela ukuthi ngeyayo inkosi,” lisho
Ngokwesitatimende samaphoyisa, kulindeleke ukuba inkosi ibuyele namhlanje enkantolo ukuyofaka isicelo sebheyili.







