Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kugqanyiswe ubuhlobo bakwaShembe nobukhosi bamaHlubi

Kugqanyiswe ubuhlobo bakwaShembe nobukhosi bamaHlubi

by | 15 October 2025

INKOSANA uMzwandile yeNkosi uNyazilwezulu beyiseceleni kweNkosi uMuziwenkosi (Langalibalele II) Hadebe emgubhweni wamaHlubi obungoMgqibelo, eMtshezi.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

KUVULEKE esinye isahluko kuvela ukuthi umndeni wakwaShembe – ongabaholi beNazareth Baptist Church (amaNazaretha) – izimpande zawo zisemaHlutshini, okuhlaluke emgubhweni wamaHlubi waminyaka yonke obungoMgqibelo esigodlweni eMadlangeni, eMtshezi.

Kuvezwe ukuthi umsunguli wamaNazaretha, iNkosi u-Isaiah Shembe (uMqaliwendlela), wayezalwa yisithole sakhona emaHlutshini, uStheya kaMalindi Hade-be. Wamzalela eNtabamhlophe, khona eMtshezi. UMalindi wayengumfowabo omncane weNkosi uLangalibalele kaMthimkhulu kaBhungane, Hadebe.

Lobo buhlobo bufakazelwe, futhi baqiniswa wukuba khona kulo mgubho kwendodana endala yeNkosi uMduduzi “uNyazilwezulu” Shembe, inkosana uMzwandile.

Ngesikhathi kuqhubeka umgubho, amatshitshi etshakadula eshashalazini, izinsizwa namabhungu becikoza, inkosana uMzwandile ibihleli eceleni kweNkosi uMuziwenkosi Johannes Hadebe (uLangalibalele II), ephethe isizwe samaHlubi. Nangesikhathi sekuhutshwa amahubo esizwe samaHlubi, okuwumthandazo wawo, inkosana uMzandile ibiphambili, iseceleni kweNkosi uBhekamadoda Hadebe, yesizwe samaHlubi aseXobho.

Abephume zinkalo zonke amaHlubi nezizwe ezingomakhelwane bawo ngoba bekukhona abavela eLesotho, eBotswana, eSwazini, esifundazweni iMpumalanga nase-Eastern Cape (kuQumbu, kuTsolo, eLebode, eMatatiela, naseHeshel). USolwazi uCeaser Nongqunga, ongumholi we-African Transformation Movement (ATM), abuye abe nguMphostoli omkhulu we-Apostolic Church in Christ, oyiHlubi naye, enkulumweni yakhe, uthe amaHlubi kawakapheli amandla, asakulwela ukuthi iNkosi uMuziwenkosi Hadebe, ibe yiNgonyama ngokusemthethweni.

“AmaHlubi ayisizwe esikhulu njengoba ubona abantu bebaningi kangaka. Kudala sasiyilwa le mpi yokuthi ubungonyama bamaHlubi bucaciswe kuMthethosisekelo,” esho.

UNkz Zibuyile Hadebe oyinkosazana yeNkosi uLangalibalele II, okhulume egameni lobukhosi nesizwe, ngesikhathi ebuzwa yiLANGA, uthe udaba lokuthi inkosi yamaHlubi inikwe isithunzi sokuba yiSilo lusesenkantolo, ngeke athande ukwenaba ngalo. UMnu Willies Mchunu, ongu-mdidiyeli weMK Party, KwaZulu-Natal, nguyena obeyisikhulumi sosuku.

“Empeleni umuntu obemenywe kulo mgubho nguMengameli weMK Party, uMnu Jacob Zuma. UNxamalala uthe mangizomumela, ngimxolisele ngoba kunezinye izinto amatasa ngazo emazweni angaphandle. Uthe mangethule nazi izinkomo ezimbili enkosini, nasesizweni samaHlubi, saqasha futhi namabhasi awu-10 ukuletha abantu kulo mgubho,” kusho uMchunu.

Kuhalaliselwe iNkosi uLangalibalele II ngokuhlanganisa iminyaka ewu-51 isesihlalweni sobukhosi bamaHlubi njengoba yathatha ubukhosi ngo-1974. Belishisa likhipha inhlanzi emanzini ilanga, kodwa amaHlubi abephume ngobuningi ephikelele eMadlangeni, izigodi zasemaHlutshini bezidlisela ngengoma.

Ezisematheni

Amanesi athathele isiguli umasingcwabisane ngomgunyathi

Amanesi athathele isiguli umasingcwabisane ngomgunyathi

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuqinisekise ukuthi uyalwazi udaba lonesi abawu-3 basesibhedlela i-Appelsbosch abathathele isiguli umshwalense. Umnyango uthi uthole isikhalo emndenini wakwaMbatha obusola onesi ngokuthathela indodana yabo engasekho, uNduduzo Mbatha...

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

KUVELE ukuthi ubengumuntu womndeni futhi ehola itshe lemali emsebenzini abewenza, owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula nokubulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi, okuthiwa sasinezinyanga ezinhlanu sikhulelwe amawele. Lokhu kuvele ngoLwesibili...

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

UHLABA ikhwelo umnyango wezeMfundo KwaZulu, wexwayisa abafundi bakamatikuletsheni, ngokusabalala kombombayi bamaphepha asuke engakabhalwa, ezivivinyo zokuphela konyaka. Umnyango uthi abafundi ababhalayo kumele baqikelele ukuthi bayaziqhelelanisa nezinkundla...