Ilanga News
Home 9 Featured 9 Intsha yakuleli ikhangise ngoMzansi eSpain

Intsha yakuleli ikhangise ngoMzansi eSpain

by | 22 July 2026

UHLOSE ukuvulela intsha yakuleli amathuba empilo engcono kwamanye amazwe omhlaba kwezobuciko ukuze iqhakambise okwakulelizwe.

UMnu Themba Njilo, weThemba Njilo Foundation, uqoqe intsha ngaphansi kwesiqubulo sakhe esithi, “Pride of Afrika”, wayihambisa eSpain, emqhudelwaneni obizwa ngeWorld Folk Dance Competition.

Lo mqhudelwano wamazwe okuqhakanjiswa kuwona imidanso yamazwe ahlukene, uqale mhla ka-13 kuyona le nyanga, waze waphothulwa izolo,

ngomhla ka-19.
   UMnu Njilo uthe lolu hlelo lwakhe ulwenza ngaphansi kweThemba Njilo Foundation. Uthi uqoqa intsha ukuze ubuciko bayo buyiphilise, kuvuleke amathuba empilo engcono. Uthe ukuyiqoqa ukuqale ngo-2010, eyikhuthaza ukwenza imidanso yesintu.

“Lolu hlelo lokuhlanganisa izingane zengoma, ngiziqeqesha, sekunesikhathi eside ngilwenza, njengoba sekuvuleke amathuba okukhombisa amanye amazwe ngesikwenzayo ezweni lethu.

“Ngiyafisa ukuthi uhulumeni wethu usondele eduzane, ulule isandla ngoba sidonsa kanzima emalini. Bekunzima nokufika eSpain ngoba abantwana bekumele badle, izindleko zokuhamba nokunye okuningi,” esho.

Uthi sekukhona intsha yakuleli ethola izinko- ntileka kwamanye amazwe, zokuthi ifundise imidanso yaseNingizimu Afrika. 

  Uhlelo lwakhe uthi inhloso enkulu ngalo wukuthi intsha ikhishwe ezidakamizweni nasebugebengwini.

“Abanye abantwana bengaphila ngobuciko bokugida nokufundisa kabanzi ngemidanso yethu kwamanye amazwe, ngoba izwe lethu liyathandwa kakhulu emazweni omhlaba,” esho.

Kulo mqhudelwano bekuboshelwe amazwe awu-60.
   Uthi sebekwazile ukuvakashela amazwe okuba- lwa kuwona iFrance, iPortugal namanye. 

Uthi njengoba bevakashe eSpain, sebethole isi- memo sangonyaka ozayo sokuya e-Italy.

“Angisabi ngalolu hlelo ngoba lwenza abantwana babone ukuthi kuyaphileka ngale ndlela,” esho.

kulo mqhudelwano wemidanso yezingoma zesintu, basebenzise nengoma ethi, “Uyoncengwa uNyoko” yomculi kamaskandi, uMafikizolo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...