Ilanga News
Home 9 Featured 9 Intsha yakuleli ikhangise ngoMzansi eSpain

Intsha yakuleli ikhangise ngoMzansi eSpain

by | 22 July 2026

UHLOSE ukuvulela intsha yakuleli amathuba empilo engcono kwamanye amazwe omhlaba kwezobuciko ukuze iqhakambise okwakulelizwe.

UMnu Themba Njilo, weThemba Njilo Foundation, uqoqe intsha ngaphansi kwesiqubulo sakhe esithi, “Pride of Afrika”, wayihambisa eSpain, emqhudelwaneni obizwa ngeWorld Folk Dance Competition.

Lo mqhudelwano wamazwe okuqhakanjiswa kuwona imidanso yamazwe ahlukene, uqale mhla ka-13 kuyona le nyanga, waze waphothulwa izolo,

ngomhla ka-19.
   UMnu Njilo uthe lolu hlelo lwakhe ulwenza ngaphansi kweThemba Njilo Foundation. Uthi uqoqa intsha ukuze ubuciko bayo buyiphilise, kuvuleke amathuba empilo engcono. Uthe ukuyiqoqa ukuqale ngo-2010, eyikhuthaza ukwenza imidanso yesintu.

“Lolu hlelo lokuhlanganisa izingane zengoma, ngiziqeqesha, sekunesikhathi eside ngilwenza, njengoba sekuvuleke amathuba okukhombisa amanye amazwe ngesikwenzayo ezweni lethu.

“Ngiyafisa ukuthi uhulumeni wethu usondele eduzane, ulule isandla ngoba sidonsa kanzima emalini. Bekunzima nokufika eSpain ngoba abantwana bekumele badle, izindleko zokuhamba nokunye okuningi,” esho.

Uthi sekukhona intsha yakuleli ethola izinko- ntileka kwamanye amazwe, zokuthi ifundise imidanso yaseNingizimu Afrika. 

  Uhlelo lwakhe uthi inhloso enkulu ngalo wukuthi intsha ikhishwe ezidakamizweni nasebugebengwini.

“Abanye abantwana bengaphila ngobuciko bokugida nokufundisa kabanzi ngemidanso yethu kwamanye amazwe, ngoba izwe lethu liyathandwa kakhulu emazweni omhlaba,” esho.

Kulo mqhudelwano bekuboshelwe amazwe awu-60.
   Uthi sebekwazile ukuvakashela amazwe okuba- lwa kuwona iFrance, iPortugal namanye. 

Uthi njengoba bevakashe eSpain, sebethole isi- memo sangonyaka ozayo sokuya e-Italy.

“Angisabi ngalolu hlelo ngoba lwenza abantwana babone ukuthi kuyaphileka ngale ndlela,” esho.

kulo mqhudelwano wemidanso yezingoma zesintu, basebenzise nengoma ethi, “Uyoncengwa uNyoko” yomculi kamaskandi, uMafikizolo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...