
LUYAQHUBEKA nokuhlala obala uqhekeko phakathi kwamadlelandawonye i-ANC neSACP, kulandela isinqumo sokungenela ukhetho ngokuzimela kweSACP, ixebuka kwi-ANC, esiphathe izwe iminyaka engaphezulu kwewu-30.
I-SACP iyaqhubeka nezinhlelo zayo zokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo, kanti lokhu sekudale ukuthi sishube isimo phakathi kwayo ne-ANC.
Ngokubika kweTimesLive, iSACP ithathe isinqumo sokuhoxisa uMnu Gwede Mantashe (osesithombeni), ekomidini elimqoka kwiSACP, elibizwa ngeCentral Committee. Ukususwa kuleli komidi kukaMantashe ophinde abe nguSihlalo we-ANC, kukho-mbisa ngokusobala ukushuba kwesimo phakathi kwe-ANC neSACP, ngaphambi kwalolu khetho lohulumeni basekhaya olungonyaka ozayo.
Sekuneminyaka uMantashe ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi neziMayini, ebambe iqhaza elimqoka kwi-ANC neSACP. Kubikwa ukuthi isinqumo sokumhoxisa siqhamuke ngemuva komhlangano lapho abaholi beSACP, bebecubungula khona amalungu ayo nendima ayidlalayo kuyona.
UMantashe uke waba ngusihlalo weSACP phakathi kweminyaka u-2007 no-2012, kanti kusukela lapho ubesehlale eyi-ngxenye yaleli komidi. Kubikwa ukuthi ukususwa kwakhe, kuhambisana nokugxekana okuqubukile phakathi kwe-ANC neSACP, mayelana nesi-nqumo sayo (SACP) sokungenela lolu khetho ngokuzimela.
Kusukela iSACP iphumele obala ngokuzimela kulolu khetho, sekube nokujikijelana ngamazwi phakathi kwabaholi bala maqembu. UMnu Solly Mapaila onguNobhala Jikelele weSACP, ungomunye wabahamba phambili ukuphusha ukuthi iSACP izimele kulolu khetho.
Ugxeke abaholi be-ANC okuhlanganisa naye uMantashe, ngokubukela phansi izi-nqumo zeSACP, waphinde wakhala nangesinqumo se-ANC sokuba yingxenye kahulumeni wobumbano okukhona kuwo neDA, okuyiyona abangayifuni.
UMapaila uthe isinqumo sokuzimela kweSACP satha-thwa engqungqutheleni yayo ka-15, eyaba ngoNtulikazi (July) ngo-2022. UMbalula naye uyigxekile iSACP, eveza ukuthi isinqumo sokuzimela kwayo, siphoqa amalungu ayingxenye yeSACP ne-ANC ukuba akhethe phakathi kwalezi zinhlangano.
Ukhale ngokuthi amalungu eSACP aphinde abe kwi-ANC, adlala indima emqoka kuhulumeni njengoba eqhoqhobele izikhundla zokuba ngongqongqoshe. Phakathi kwalabo abayingxenye yeSACP, futhi abangabaholi kwi-ANC, kubalwa uMnu Buti Manamela onguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uNgqongqoshe wezeSayensi uDkt Blade Nzimande, naye uMantshe.
Uxwayise ngokuthi lesi sinqumo singaholela ekutheni kuhlukwane phakathi njengoba abanye bengagcina bekhetha ukugcina imisebenzi yabo kuhulumeni, kunokuqhubeka nokuba ngamalungu aleli qembu.






