Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Iqhakambisa ukusebenza kanzima ikhwaya eqokwe koweCrown Gospel Award

Iqhakambisa ukusebenza kanzima ikhwaya eqokwe koweCrown Gospel Award

by | 14 November 2025

KUVUNE izithelo zokusebenza kanzima iqembu lodumo iSoweto Central Chorus iqokelwa emcimbini wokuklomelisa weCrown Gospel Awards ozoba ngomhla ka-23 kwephezulu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Leli qembu liqokwe emunxeni weBest Collaboration Gospel Song ngengoma yalo esihloko sithi Usuku Oluzayo lapho lipike khona iqembu lodumo iLadysmith Black Mambazo.

UFaith Zalekile waleli qembu ucashunwe emithonjni yabezindaba ezwakalisa ukujabulisa ngokuqokwa kwabo futhi kusho lukhulu kubona njengeqembu labantu abasha.

Uthe ukuqokwa kwabo kulo mcimbi kuwubufakazi bokuthi ukusebenza kanzima nokuzimisela kuyazivuna izithelo ezinhle.

Uveze ukuthi kungumusa kaJehova ukuthi bathole ithuba lokuthi bahlanganyele neqembu elikhulu njengeMambazo bakhiphe leli noni eselithole nokuqokwa emcimbini omkhuku njengoweCrown Gospel Awards.

Ayaqhubeka amalungiselelo okubuya kwalo mcimbi eThekwini njengoba bese kuphele iminyaka emibili wenzelwa eGoli. Kulo nyaka uzobe wenzeka okwesi-18 kanti abahleli bawo bathembisa izinga ekiphezulu.

“Uma ubheka nangesikhathi kusaphila uZanele (LaMbokazi Nkambule) izinga besihlale silinyusa unyaka nonyaka ngakho asigudluki emigomweni yakho yokuqhubeka nokunyusa izinga,” kusho uBishop Mpendulo Nkambule osekunguyena ohola ithimba labahleli balo mcimbi kusukela kwadlula emhlabeni uLaMbokazi Nkambule ngonyaka owedlule.

Uthe okubajabulisaz kakhulu kulo nyaka wukuthi nesibalo sabaculi abakhombise intshisekelo yokuqokwa kulo mcimbi senyukile ngendlela eyingqophamlando bebalelwa ku-885 abafake izicelo zokungenela.

Amathikithi alo mcimbi ayaqhubeka nokutholakala njengoba eqala ku-R300 eWebtickets nasezitolo zakwaPick & Pay.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...