Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka Featured 9 IMambazo nomucu ohlanganisa izinkakha

IMambazo nomucu ohlanganisa izinkakha

by | 8 August 2025

YETHULWE ngempumelelo inhlanganisela ye-albhamu ehlanganisa izinkakha zabaculi bakuleli iLadysmith Black Mambazo, Mbuso Khoza noDkt Nduduzo Makhathini okulindeleke ukuthi iphume ngokusemthethweni ngoNovember walo nyaka.

Le albhamu esihloko sithi One Voice, One World inezingoma ezahlukene ezenziwe yilaba baculi njengoba eyodwa yazo iphume namhlanje ngoLwesihlanu ethi You Make Me Happy.

Umcimbi wokwethulwa kwale albhamu kwenzeke eGoli lapho lezi zihlabani ziqophe khona njengoba ubuhanjelwe ngabezindaba nezicukuthwane ezahlukene emculweni.

Imanenja yeMambazo uXolani Majozi uthe kube yisibusiso ukuhlanganisa laba baculi ndawonye njengoba umculo wabo umele isintu ngezindlela ezahlukene.

Uchaze iMambazo ngokuthi iqhamuka nomculo wesicathamiya kuthi uMbuso aqhamuke nowamahubo kanti uMakhathini uqhamuka nokanomkhubulwane.

Uthe bonke laba baculi ngokwehlukana kwabo baqhamuka nokwehlukile nokwenza kube wumsindo ongajwayelekile.

“Ngesikhathi siqhamuka nalo mbono besifuna ukwenza umculo ongeke ugcine kuleli kuphela kodwa ozothokozelwa umhlaba wonke. Okunye obekuseqhulwini kube wukuthi senze izingoma ezihlanganisa abantu beminyaka eyahlukene abancane nabadala,” kusho uMajozi enezela ngokuthi kunezingoma abanxenxe uDJ Maphorisa azixube kabusha ukuze zakhe isigi sesimanje.

“Kunengoma esizoyenza ngezindlela ezahlukene okubalwa isigqi samapiyano, ese-3 step nezinye izinhlobo zomculo,” kusho uMajozi.

UNduduzo noMbuso bazwakalise ukuthobeka ngokuthola ithuba lokusebenza neMambazo njengoba beveze ukuthi bakhule bewulalela umculo waleli qembu eselizakhele igama emhlabeni jikelele futhi eselike lanqoba izindondo zomhlaba zeGrammy ezinhlanu.

UMajozi uveze ukuthi ngale albhamu bahlose isabalale umhlaba wonke futhi baqhubeke nomgqigqo wezindondo zomhlaba.

Uthe ngoNovember nonyaka bahlela ukwenza indumezulu yomcimbi eState Theatre ePretoria laupho kuzonandisa zona lezi zinkakha.

Uveze ukuthi bahlela nokwenza umzungezo wokuhambela amanye amazwe aphesheya kwezilwandle ngale albhamu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

KUQHAKANJISWE amagalelo kowagqama ngokusabalalisa inyunyana yothisha nakwezinye izifundazwe ngenxa yokwazi kwakhe ukukhuluma zonke izilimi zakuleli, ngesikhathi engcwatshwa ngoMgqibelo. UMnu Velaphi Ndlovu owayayisekela lowayenguMengameli weNational Teachers Union...