Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka Featured 9 IMambazo nomucu ohlanganisa izinkakha

IMambazo nomucu ohlanganisa izinkakha

by | 8 August 2025

YETHULWE ngempumelelo inhlanganisela ye-albhamu ehlanganisa izinkakha zabaculi bakuleli iLadysmith Black Mambazo, Mbuso Khoza noDkt Nduduzo Makhathini okulindeleke ukuthi iphume ngokusemthethweni ngoNovember walo nyaka.

Le albhamu esihloko sithi One Voice, One World inezingoma ezahlukene ezenziwe yilaba baculi njengoba eyodwa yazo iphume namhlanje ngoLwesihlanu ethi You Make Me Happy.

Umcimbi wokwethulwa kwale albhamu kwenzeke eGoli lapho lezi zihlabani ziqophe khona njengoba ubuhanjelwe ngabezindaba nezicukuthwane ezahlukene emculweni.

Imanenja yeMambazo uXolani Majozi uthe kube yisibusiso ukuhlanganisa laba baculi ndawonye njengoba umculo wabo umele isintu ngezindlela ezahlukene.

Uchaze iMambazo ngokuthi iqhamuka nomculo wesicathamiya kuthi uMbuso aqhamuke nowamahubo kanti uMakhathini uqhamuka nokanomkhubulwane.

Uthe bonke laba baculi ngokwehlukana kwabo baqhamuka nokwehlukile nokwenza kube wumsindo ongajwayelekile.

“Ngesikhathi siqhamuka nalo mbono besifuna ukwenza umculo ongeke ugcine kuleli kuphela kodwa ozothokozelwa umhlaba wonke. Okunye obekuseqhulwini kube wukuthi senze izingoma ezihlanganisa abantu beminyaka eyahlukene abancane nabadala,” kusho uMajozi enezela ngokuthi kunezingoma abanxenxe uDJ Maphorisa azixube kabusha ukuze zakhe isigi sesimanje.

“Kunengoma esizoyenza ngezindlela ezahlukene okubalwa isigqi samapiyano, ese-3 step nezinye izinhlobo zomculo,” kusho uMajozi.

UNduduzo noMbuso bazwakalise ukuthobeka ngokuthola ithuba lokusebenza neMambazo njengoba beveze ukuthi bakhule bewulalela umculo waleli qembu eselizakhele igama emhlabeni jikelele futhi eselike lanqoba izindondo zomhlaba zeGrammy ezinhlanu.

UMajozi uveze ukuthi ngale albhamu bahlose isabalale umhlaba wonke futhi baqhubeke nomgqigqo wezindondo zomhlaba.

Uthe ngoNovember nonyaka bahlela ukwenza indumezulu yomcimbi eState Theatre ePretoria laupho kuzonandisa zona lezi zinkakha.

Uveze ukuthi bahlela nokwenza umzungezo wokuhambela amanye amazwe aphesheya kwezilwandle ngale albhamu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...