Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISadtu eKZN ikhala ngesabelomali

ISadtu eKZN ikhala ngesabelomali

by | 19 November 2025

ISOUTH African Democratic Teachers Union (Sadtu) ithi izinkinga ezikhungethe uMnyango weMfundo eyisiSekelo KwaZulu-Natal, ngeke zaxazululwa ngosuku olulodwa.

Lokhu kulandela umbiko ongemuhle okhishwe yiSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ngeledlule – ngesimo sezikole zakulesi sifundazwe, njengoba eziningi zingenawo amanzi ahlanzekile okuphuza nogesi, kanti kwezinye amagumbi okufundela agcwele ayachichima.

UNkz Nomarashiya Caluza, okhulumela iSadtu esifundazweni, uthi inkinga enkulu kwezemfundo, wukuncishiswa kwesabelomali.

“Sincishisiwe isabelomali soMnyango wezeMfundo eyisisekelo ezweni lonke, kodwa iKwaZulu-Natal igqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngoba yiyona enabafundi abaningi, imali siyayidinga.

“Ingqalasizinda iyawohloka ezikoleni. Lokhu kwenza ukuba abafundi bezithole sebenamagu-mbi okufunda okungena kuwona imvula uma izulu lina. Abafundi kufanele bacatshangelwe ngokuthi babekwe eqhulwini,” esho.

UNdunankulu uMnu Thami Ntuli noNgqongqoshe wezeMfundo esifundzweni uMnu Sipho Hlomuka, bake baba nembizo ekuqaleni kwalo nyaka, lapho kwakudingidwa izinkinga ezikhona ezikoleni, okubalwa nokusabalala kwezidakamizwa, ukwehlelwa wumfutho wokufunda kubafundi nowokufundisa kothisha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...