Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

by | 14 January 2026

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala.

UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu.

I-IFP yiyona ehola uhulumeni obuswa ngokubambisana owaziwa ngeGovernment of Provincial Unity (GPU). USotswebhu uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho, uMnu Blessed Gwala, uthi abantu mabangethuswa wukuthi iNational Freedom Party (NFP), okuyiyona ethathwa njengenomfi ehlanganisa iGPU, ifuna ukuxebuka.

“I-NFP siyinike uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni ongomunye wemigogodla ekuphuculeni impilo yabantu. UNkz Mbali Shinga owaqokwa nguNdunankulu uThami Ntuli ukuba ngungqongqoshe walo mnyango, akakesuli esikhundleni, usawuphethe lo mnyango kanti sigculiseke kakhulu ngendlela asebenza ngayo.

“Kasingene emibangweni yangaphakathi kwiNFP kodwa sizoxoxa nanoma yiluphi uhlangothi lwabo olufuna kube khona uzinzo esifundazweni. Abantu besifundazwe bayabona ukuthi le GPU iyasebenza ngoba imiphumela ka-matric ikhombise ukuthi kunokubambisana ezinhlakeni zikahulumeni wesifundazwe. Sizoyeluleka iNFP ukuba ingadukiswa ngabantu abafuna ukufeza izinhloso zabo zokuthi kube nodungunyane esifundazweni ngayo,” kusho uGwala.

UMnu Mkhuleko Hlengwa, okhulumela i-IFP kuzwelonke, uthe kungamampunge ukuthi bathembisa iNFP isikhundla sobumeya eZululand, bajika abangakufeza lokho. Kwenzeka lokhu nje, uSihlalo weNFP uMnu Sibusiso Mkhabela uthe bahambisana neGPU futhi bameseka ngokugcwele uNkz Shinga ukuqhubeka nomsebenzi wakhe eqenjini nakuhulumeni.

Usole isigungu esiphezulu seNFP ngokugxambukela emsebenzini kaNkz Shinga.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....