Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imoto entsha ceke ephiwe inkosi yesizwe ishadelwa

Imoto entsha ceke ephiwe inkosi yesizwe ishadelwa

by | 30 September 2025

YEHLE izinyembezi iphiwa isipho semoto inkosi yesizwe saKwaMpungose, eNkandla ishadelwa ezinkundleni zemidlalo yakwaMasipala edolobheni ngoLwesihlanu. INkosi uZakhe Mpungose, inikezwe izikhiye zonyanyavu lwemoto yohlobo lweveni Hilux yenani lika-R700 000. Le moto ikhishwe yisizwe saKwaMpungose, sathi sifuna inkosi ingagibeli amatekisi nowakwayo uNkk Thabisile Goqo Mpungose. Inikezwe izikhiye ezihambisana namaphepha ayo imoto akhombisa ukuthi kayikweleti.

Ichaza ngalokhu inkosi ithe ishaqekile ngoba akukaze kufike ezindlebeni zayo ukuthi isizwe sayo sinezinhlelo zokuyipha isipho esikhulu kangaka.
“Umphakathi bekade uyenza iminikelo yokuthi inkosi yawo izoshadelwa njengoba kwenzeka nakwezinye izizwe. Ngishaqekile uma sengibona ukuthi bengihlelelwe ihhasi elifana naleli,” kusho iNkosi.


Itshele ILANGA ukuthi kuyayijabulisa ukubona isizwe sayo sibambisane ngokwenza izinto ezinhle. Ithe lokhu okwenzeke ngosuku lomshado wayo, ayisoze yakukhohlwa. Iveze ukuthi kuyaqala emlandweni selokhu yahola lesi sizwe ukuba iphiwe yisizwe isipho esingafaniswa nesikhulu kangaka. Inkosi ithi isazoqhubeka ithathe omunye unkosikazi uma amandla iwathola. Ishade umishado wezinsuku ezimbili. NgoMgqibelo kushadwe owesintu.

Kuhlatshwe izinkomo eziwu-30, kanti amabutho abalandwe ezifundeni ezahlukahlukene ngamabhasi. Amabutho afike ngothi lwawo eholwa amakhosi ahlukahlukene. Inkosi ibusiswe ngezingane ezimbili emshadweni wayo. Itshele ILANGA ukuthi bekungokuqala ishadelwa.


“Bengisalungisa, yingakho ngishadelwe emuva kwesikhathi eside. Ngiyabonga kakhulu ukwesekwa izizwe zamakhosi,” esho.
Inkosi ithi kusemkhankasweni womndeni ukushadelwa.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...