Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kubhekwe lukhulu kwekaRamaphosa

Kubhekwe lukhulu kwekaRamaphosa

by | 11 February 2026


KUBHEKWE lukhulu enkulumweni kaMengameli Cyril Ramaphosa yesizwe azoyethula ngoLwesine mhla ka-12 kwe-phezulu ngehora lesikhombisa kusihlwa. Kule nkulumo uRamaphosa kulindeleke ukuba achaze ngebanga eselihanjwe wuhulumeni wenhlanganisela, nokufezekisa ezinye zezithe-mbiso azenzile ngonyaka wezimali owedlule.


Kuzokhumbuleka ukuthi enkulumweni kamengameli yo-nyaka owedlule, ezinye zezihloko ezabe ziseqhulwini kwaba ukusimamisa umnotho wezwe, ukwakha amathuba emisebe-nzi, ukuqinisa amaxhama obudlelwano namanye amazwe ngenhloso yokuthuthukisa leli lizwe.


Kule nkulumo yangoLwesine uRamphosa kulindeleke ukuba acacisele isizwe ngokuthi yikuphi uhulumeni awuho-layo okwazile ukukuzuza, futhi yikuphi osasilele emuva ku-khona. Kulindeleke ukuba aphinde acabe indlela eya pha-mbili kulo nyaka wemali, lapho ezokwenza ezinye izethembiso ukuqinisekisa ukuthi elakuleli liyaqhubeka nokusimama kulezi zikhathi.
Ngemuva kwale nkulumo amalungu ePhalamende azobe esevuleleka ukuba abe nenkulumo-mpikiswano ngayo, abeke umbono wawo ngendlela ayihlaziye ngayo inkulumo kame-ngameli.


Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni eyedlule kuhola uMnu Jacob Zuma, ibikhungathwa yizinkinga nokuphazami-seka inkulumo yakhe ngamalungu e-EFF, ekhombisa ukungahambisani nobuholi bakhe. Lokhu bekuholela ekutheni kuze kube nezigameko zodlame uma la malungu esekhishwa ngendluzula ePhalamende, sekubizwe nonogada.
Kubukeka lokhu kuziphatha sekushintshile ngaphansi ko-buholi bukaRamaphosa nakuba kusekhona ukuphikisana ngobuholi bakhe.
Kulindeleke ukuba emasontweni amabili azayo uNgqo-ngqoshe weMali kuleli uMnu Enoch Godongwana, ethule isabelomali salo nyaka.
Le nkulumo ithathwa njengemqoka eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...