Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kubhekwe lukhulu kwekaRamaphosa

Kubhekwe lukhulu kwekaRamaphosa

by | 11 February 2026


KUBHEKWE lukhulu enkulumweni kaMengameli Cyril Ramaphosa yesizwe azoyethula ngoLwesine mhla ka-12 kwe-phezulu ngehora lesikhombisa kusihlwa. Kule nkulumo uRamaphosa kulindeleke ukuba achaze ngebanga eselihanjwe wuhulumeni wenhlanganisela, nokufezekisa ezinye zezithe-mbiso azenzile ngonyaka wezimali owedlule.


Kuzokhumbuleka ukuthi enkulumweni kamengameli yo-nyaka owedlule, ezinye zezihloko ezabe ziseqhulwini kwaba ukusimamisa umnotho wezwe, ukwakha amathuba emisebe-nzi, ukuqinisa amaxhama obudlelwano namanye amazwe ngenhloso yokuthuthukisa leli lizwe.


Kule nkulumo yangoLwesine uRamphosa kulindeleke ukuba acacisele isizwe ngokuthi yikuphi uhulumeni awuho-layo okwazile ukukuzuza, futhi yikuphi osasilele emuva ku-khona. Kulindeleke ukuba aphinde acabe indlela eya pha-mbili kulo nyaka wemali, lapho ezokwenza ezinye izethembiso ukuqinisekisa ukuthi elakuleli liyaqhubeka nokusimama kulezi zikhathi.
Ngemuva kwale nkulumo amalungu ePhalamende azobe esevuleleka ukuba abe nenkulumo-mpikiswano ngayo, abeke umbono wawo ngendlela ayihlaziye ngayo inkulumo kame-ngameli.


Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni eyedlule kuhola uMnu Jacob Zuma, ibikhungathwa yizinkinga nokuphazami-seka inkulumo yakhe ngamalungu e-EFF, ekhombisa ukungahambisani nobuholi bakhe. Lokhu bekuholela ekutheni kuze kube nezigameko zodlame uma la malungu esekhishwa ngendluzula ePhalamende, sekubizwe nonogada.
Kubukeka lokhu kuziphatha sekushintshile ngaphansi ko-buholi bukaRamaphosa nakuba kusekhona ukuphikisana ngobuholi bakhe.
Kulindeleke ukuba emasontweni amabili azayo uNgqo-ngqoshe weMali kuleli uMnu Enoch Godongwana, ethule isabelomali salo nyaka.
Le nkulumo ithathwa njengemqoka eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...