Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Isexwayiso ngezikhukhula eKZN ngoMsombuluko nangoLwesibili

Isexwayiso ngezikhukhula eKZN ngoMsombuluko nangoLwesibili

by | 5 January 2025

ISouth African Weather Service isikhiphe isexwayiso ngesimo sezulu ezingesihle esingadala izikhukhula ezingxenyeni eziningi zeKwaZulu-Natal kusasa ngoMsombuluko, nangoLwesibili.

Kuthiwa izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu zingalindeleka esifundazweni sonke, ikakhulu ezindaweni ezisempumalanga yesifundazwe, okubalwa kuzo nezindawo ezingaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni.

Lezi zimvula okulindeleke ukuthi zibe nangaphezu kuka-120mm, zingadala umonakalo okubalwa kuwona:
● Izikhukhula ezingakhahlameza izakhamizi, zilimaze imigwaqo namabhuloho
● Ubungozi kubantu abahlala eduze kwemifula nemihosha
● Ukuphazamiseka kokuhamba kwezimoto ngenxa yamanzi amaningi emigwaqweni
● Ukuvela kwemigodi (sinkholes) nokuwa kwamatshe amakhulu
● Ukuphazamiseka kwezinsiza ezibalulekile (njengamanzi, ugesi nezokuxhumana).

Nakhu abantu abanxuswa ukuba bakwenze:
● Uma kungenzeka, hlala endlini, ugweme ukuba semgwaqweni
● Gwema ukuwela lapho kunamanzi agijimayo, adlula phezulu kwamaqakala
● Uma uvaleleke emotweni ngesikhathi sezikhukhula, yishiye lapho, ubalekele endaweni ephakeme
● Ezindaweni ezisemakhaya, abantu mabavikele imfuyo ngokuthi bayibeke ezindaweni eziphakeme
● Qaphela uma uhamba emgwaqeni njengoba kungenzeka ama-pothole nama-sinkhole engabonakali.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...