Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Isexwayiso ngezikhukhula eKZN ngoMsombuluko nangoLwesibili

Isexwayiso ngezikhukhula eKZN ngoMsombuluko nangoLwesibili

by | 5 January 2025

ISouth African Weather Service isikhiphe isexwayiso ngesimo sezulu ezingesihle esingadala izikhukhula ezingxenyeni eziningi zeKwaZulu-Natal kusasa ngoMsombuluko, nangoLwesibili.

Kuthiwa izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu zingalindeleka esifundazweni sonke, ikakhulu ezindaweni ezisempumalanga yesifundazwe, okubalwa kuzo nezindawo ezingaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni.

Lezi zimvula okulindeleke ukuthi zibe nangaphezu kuka-120mm, zingadala umonakalo okubalwa kuwona:
● Izikhukhula ezingakhahlameza izakhamizi, zilimaze imigwaqo namabhuloho
● Ubungozi kubantu abahlala eduze kwemifula nemihosha
● Ukuphazamiseka kokuhamba kwezimoto ngenxa yamanzi amaningi emigwaqweni
● Ukuvela kwemigodi (sinkholes) nokuwa kwamatshe amakhulu
● Ukuphazamiseka kwezinsiza ezibalulekile (njengamanzi, ugesi nezokuxhumana).

Nakhu abantu abanxuswa ukuba bakwenze:
● Uma kungenzeka, hlala endlini, ugweme ukuba semgwaqweni
● Gwema ukuwela lapho kunamanzi agijimayo, adlula phezulu kwamaqakala
● Uma uvaleleke emotweni ngesikhathi sezikhukhula, yishiye lapho, ubalekele endaweni ephakeme
● Ezindaweni ezisemakhaya, abantu mabavikele imfuyo ngokuthi bayibeke ezindaweni eziphakeme
● Qaphela uma uhamba emgwaqeni njengoba kungenzeka ama-pothole nama-sinkhole engabonakali.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...