Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa abelaphi bendabuko ngobudlabha emifuleni KwaMhlabuyalingana

Kusolwa abelaphi bendabuko ngobudlabha emifuleni KwaMhlabuyalingana

by | 20 November 2025

YINKOSI uBusekhaya Nxumalo (ephethe umbhobho), yimeya yaseMkhanyakude uMnu Comfort Khumalo kanye nezinye izicukuthwane ebezisemcimbini woMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude.

BAZOJEZISWA ngokuhlawuliswa inkomo abelaphi bendabuko abephula imithetho elawula ukuvikelwa kwemifula yomphakathi KwaMhlabuyalingana. Lesi yisexwayiso seNkosi uBusekhaya Nxumalo, ehola isizwe sakwaMabasa, esenze ngesikhathi yethula inkulumo emcimbi wentuthuko edidiyelwe obubanjelwe KwaMlamula, KwaMhlabuyalingana.

Lo mcimbi ubuhlelwe wuMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude, oholwa nguMnu Comfort Khumalo, oyimeya yawo ngethikithi le-IFP. 

Inkosi itshele izethameli ukuthi sekuyisikhathi eside kukhalwa “ngobunuku” obenziwa emifuleni esizweni sayo. Ithe kusolwa abelaphi bendabuko ukuthi yibona abageza amakilayenti abo, maqede bashiye izinkukhu ezinqunyiwe, izinalithi, nokunye okungalungile. 

“Eminye yayo le mifula isebaleni futhi iseduze kwemizi. Kuyadumaza ukubona umuntu omdala engagqokile emini kwabha. Ngiyafisa nje ukuba ngikusho ukuthi ukuthi siwubukhosi sithathe isinqumo sokuthi uma kukhona umelaphi ozobanjwa egeza umuntu, uzohlawuliswa inkomo ehamba ngamasondo.

“Esikhathini esiphambilini bengizitshela ukuthi lena yinkinga ekhathaza thina sodwa lapha KwaMabasa kanti nasesizweni sakwaJobe, kukhalwa esifanayo. NakwaMbila babhekene nenkinga efanayo. Iwukungazihloniphi indaba yokuthi umuntu omdala ahambe engagqokile phakathi kwezingane. Nazo izingane kuyazilimaza emqondweni lokho ngoba ngokwemvelo nangokwendalo,” kuxwayisa iNkosi uNxumalo. 

IMeya uMnu Comfort Khumalo ithe umkhandlu wayo ubeke eceleni imali eyanele ukubhekana nezidingo zomphakathi. UKhumalo uphinde wakhuza isihlava sokukhelwa kwezingane. 

“Kuyintokozo ukuthi namuhla (izolo) siyawuphothula umjikelezo wethu wokuhambela amaWard nomasipala abangaphansi kwawo. Umphakathi uthole ithuba elanele lokuveza imizwa yawo. 

“Abaholi besizwe babike ukuthi le ndawo ibuye ibhekane nenkinga yokukhulelwa kwezingane ezineminyaka esukela kwewu-11 ubudala. Umbuzo okhona owokuthi, zikhuleliswa ngobani lezi zingane? Ngixwayisa amadoda nezinsizwa okuyizona ezigila lo mkhuba ukuba ziwuyeke ngoba mubi futhi uwukubulala isizwe sakusasa.

“Siwumkhandlu sibeke eceleni imali yokuxhasa izinhlelo zokukhuliswa nokunakekelwa kwezingane, ikakhulukazi uhlelo lokuhlolwa kwezintombi-nto ukuze zizoqhubeka nokuzigcina, kugcineke nezibaya zoyise emakhaya,” kusho uKhumalo. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...