Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bafuna ajeze ‘umfundisi owangcwaba isihlobo eyedwa’

Bafuna ajeze ‘umfundisi owangcwaba isihlobo eyedwa’

by | 26 October 2025

ITHIMBA labatakuli ngesikhathi likhipha eweni amathambo atholakale ngoMsombuluko ebangeni elingekude nomuzi kaMnu Arthur Manqoba Shabalala, osolwa ngokufa kwelungu lomndeni wakhe. Umndeni ubunethemba lokuthi amathambo ngawesihlobo sawo esanyamalala ngo-2021 sihlala noShabalala esingakatholakali namanje.
Isithombe ngu: Nhlanhla Gumede

BAFUNA athathelwe izinyathelo zomthetho ‘uMfundisi’ webandla labasindisiwe uMnu Arthur Manqoba Shabalala oyanyaniswa nokufa kwesihlobo sakhe esasiphila nokukhubazeka, uNkz Thuleleni Deanne Shabalala (53), isidumbu sakhe esatholakala sigqitshwe ethuneni elakhonjwa ngumsolwa.

Lokhu kutshelwe ILANGA wumndeni wakwaShabalala Embo, eMolweni, ngomlomo kaNkz Thembi Zuma ongudadewabo kamufi kodwa abasebenzisa izibongo ezingefani. Kusanda kubuya imiphumela yolibofuzo ehlonze ukuthi nguyena umufi lo okwambiwa isidumbu sakhe. Umufi wanyamalala ngePhasika lango-2023, isidumbu sakhe sakhonjwa ngumsolwa ngoNdasa (March) nonyaka.

UNkz Zuma uthi phezu kwezinsolo zokubulawa kukadadewabo ezibekwe uShabalala, bafisa aphinde athathelwe izinyathelo ngokwenza inkohlakalo yokwenza isitifiketi sokushona sikamufi, okuthiwa siveza ukuthi wazishonela ngokwemvelo, ekubeni imiphumela iveza ukuthi wabulawa.

ILANGA labika ngalolu daba ngesikhathi kuyombiwa isidumbu sikaNkz Shabalala (Thuleleni) emathuneni aseMolweni esikhathini esiyizinyanga eziwu-6 ezedlule.

Izinsalela zesidumbu zakhi-shwa ethuneni zifakwe esikhwameni esincane esimnyama, ngemuva kokukhonjwa nguShabalala, onguninalume kumufi. Imibiko yaveza ukuthi uShabalala, owake waboshwa ngaleli cala kodwa wadedewa ngenxa yokushoda kobufakazi, watshela amapho-yisa ukuthi umufi wazishonela, wabe “esemqoba” wamfaka esi-khwameni, wayomngcwaba ethuneni lesihlobo sakhe.

Kuwo lo mbiko kwavela ukuthi uShabalala ubeqhubeka nokuhola isibonelelo sokuphila nokukhubazeka sikaNkz Shabalala ngemuva kokunyamalala kwakhe. Kwavela ukuthi uNkz Shabalala ungowesibili ukunyamalala ehlala noShabalala, njengoba ngo-2021 kwanyamalala esinye isihlobo sakhe uNkz Lucia Zuma, owayephila nokukhubazeka, ongakatholakali namanje.

Ngosuku okwambiwa ngalo isidumbu, amalungu omphakathi waseMolweni avuka indlobane, ashisa umuzi kaShabalala. Ngesonto eledlule kuthiwa imiphumela yolibofuzo iqinisekisile ukuthi izinsalela ngezikaNkz Shabalala nokuthi umufi akashonanga ngokwemvelo.

UNkz Zuma uthi ngemuva kokuphuma kwemiphumela, bahlangabezane nembibizane emahhovisi oMnyango wezaseKhaya njengoba benikwe isitifiketi sokushona kukamufi (ILANGA elisibonile) okuthiwa senziwa nguShabalala ngonyaka odlule.

Uthi uma kuwukuthi uNkz Shabalala washona ngokwemvelo, kungani kungabikwanga ukuze umufi ezongcwatshwa ngendlela ehloniphekile.

“Phakathi kwezinto ebesizidingela isitifiketi wukutholela ingane kaThuleleni umazisi njengoba ingenawo. Siyafisa ukuthola ubulungiswa nezimpendulo kumalume esingamazi ukuthi ukuziphi izinkalo,” esho.

Isishoshovu samalungelo abantu okuyiso esihamba phambili ekutholeleni umndeni ubulungiswa, uMnu Alex Memela sitshele ILANGA ukuthi sikholwa wukuthi uMnyango wezaseKhaya nabakwa Sassa kumele bavulele uShabalala amacala enkohlakalo.

Sithi kuze kwaphoqa ukuba umndeni wenzelwe ngamaphoyisa incwadi eyisipesheli (ILANGA eliyibonile) egunyaza ukungcwatshwa kwezinsalela zikaNkz Shabalala ngesikhathi kusalungiswa eyokushintshwa kwesitifiketi sokushona.

UMemela uthi lolu daba uzolulwa kuze kufike esiphethweni salo. UMnu Cyril Mncwabe owengamele uMnyango wezaseKhaya eKZN, ukuqinisekisile kwabezindaba ukuphuma kwesitifiketi sokushona kukaNkz Shabalala, athi senziwa nguShabalala. Unxuse umndeni ukuba uxhumane nabafanele ukuze kulungiswe isitifiketi.

Khonamanjalo, ngoLwesibili, ebangeni elingamamitha ambalwa kusuka emzini kaShabalala owashiswa, kutholakale amathambo omuntu okukhuphule amathemba emndenini wakwaShabalala, okuthi ngezikaNkz Zuma (uLucia). Amathemba alo mndeni ehlile ngesikhathi abatakuli bethi la mathambo abukeka njengawomuntu wesilisa, kodwa lokho kuzoqinisekiswa uma sekwenziwa ulibofuzo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...