
Isithombe ngu: Nhlanhla Gumede
BAFUNA athathelwe izinyathelo zomthetho ‘uMfundisi’ webandla labasindisiwe uMnu Arthur Manqoba Shabalala oyanyaniswa nokufa kwesihlobo sakhe esasiphila nokukhubazeka, uNkz Thuleleni Deanne Shabalala (53), isidumbu sakhe esatholakala sigqitshwe ethuneni elakhonjwa ngumsolwa.
Lokhu kutshelwe ILANGA wumndeni wakwaShabalala Embo, eMolweni, ngomlomo kaNkz Thembi Zuma ongudadewabo kamufi kodwa abasebenzisa izibongo ezingefani. Kusanda kubuya imiphumela yolibofuzo ehlonze ukuthi nguyena umufi lo okwambiwa isidumbu sakhe. Umufi wanyamalala ngePhasika lango-2023, isidumbu sakhe sakhonjwa ngumsolwa ngoNdasa (March) nonyaka.
UNkz Zuma uthi phezu kwezinsolo zokubulawa kukadadewabo ezibekwe uShabalala, bafisa aphinde athathelwe izinyathelo ngokwenza inkohlakalo yokwenza isitifiketi sokushona sikamufi, okuthiwa siveza ukuthi wazishonela ngokwemvelo, ekubeni imiphumela iveza ukuthi wabulawa.
ILANGA labika ngalolu daba ngesikhathi kuyombiwa isidumbu sikaNkz Shabalala (Thuleleni) emathuneni aseMolweni esikhathini esiyizinyanga eziwu-6 ezedlule.
Izinsalela zesidumbu zakhi-shwa ethuneni zifakwe esikhwameni esincane esimnyama, ngemuva kokukhonjwa nguShabalala, onguninalume kumufi. Imibiko yaveza ukuthi uShabalala, owake waboshwa ngaleli cala kodwa wadedewa ngenxa yokushoda kobufakazi, watshela amapho-yisa ukuthi umufi wazishonela, wabe “esemqoba” wamfaka esi-khwameni, wayomngcwaba ethuneni lesihlobo sakhe.
Kuwo lo mbiko kwavela ukuthi uShabalala ubeqhubeka nokuhola isibonelelo sokuphila nokukhubazeka sikaNkz Shabalala ngemuva kokunyamalala kwakhe. Kwavela ukuthi uNkz Shabalala ungowesibili ukunyamalala ehlala noShabalala, njengoba ngo-2021 kwanyamalala esinye isihlobo sakhe uNkz Lucia Zuma, owayephila nokukhubazeka, ongakatholakali namanje.
Ngosuku okwambiwa ngalo isidumbu, amalungu omphakathi waseMolweni avuka indlobane, ashisa umuzi kaShabalala. Ngesonto eledlule kuthiwa imiphumela yolibofuzo iqinisekisile ukuthi izinsalela ngezikaNkz Shabalala nokuthi umufi akashonanga ngokwemvelo.
UNkz Zuma uthi ngemuva kokuphuma kwemiphumela, bahlangabezane nembibizane emahhovisi oMnyango wezaseKhaya njengoba benikwe isitifiketi sokushona kukamufi (ILANGA elisibonile) okuthiwa senziwa nguShabalala ngonyaka odlule.
Uthi uma kuwukuthi uNkz Shabalala washona ngokwemvelo, kungani kungabikwanga ukuze umufi ezongcwatshwa ngendlela ehloniphekile.
“Phakathi kwezinto ebesizidingela isitifiketi wukutholela ingane kaThuleleni umazisi njengoba ingenawo. Siyafisa ukuthola ubulungiswa nezimpendulo kumalume esingamazi ukuthi ukuziphi izinkalo,” esho.
Isishoshovu samalungelo abantu okuyiso esihamba phambili ekutholeleni umndeni ubulungiswa, uMnu Alex Memela sitshele ILANGA ukuthi sikholwa wukuthi uMnyango wezaseKhaya nabakwa Sassa kumele bavulele uShabalala amacala enkohlakalo.
Sithi kuze kwaphoqa ukuba umndeni wenzelwe ngamaphoyisa incwadi eyisipesheli (ILANGA eliyibonile) egunyaza ukungcwatshwa kwezinsalela zikaNkz Shabalala ngesikhathi kusalungiswa eyokushintshwa kwesitifiketi sokushona.
UMemela uthi lolu daba uzolulwa kuze kufike esiphethweni salo. UMnu Cyril Mncwabe owengamele uMnyango wezaseKhaya eKZN, ukuqinisekisile kwabezindaba ukuphuma kwesitifiketi sokushona kukaNkz Shabalala, athi senziwa nguShabalala. Unxuse umndeni ukuba uxhumane nabafanele ukuze kulungiswe isitifiketi.
Khonamanjalo, ngoLwesibili, ebangeni elingamamitha ambalwa kusuka emzini kaShabalala owashiswa, kutholakale amathambo omuntu okukhuphule amathemba emndenini wakwaShabalala, okuthi ngezikaNkz Zuma (uLucia). Amathemba alo mndeni ehlile ngesikhathi abatakuli bethi la mathambo abukeka njengawomuntu wesilisa, kodwa lokho kuzoqinisekiswa uma sekwenziwa ulibofuzo.







