
ISHIYWE ngabasubathi abamqoka iXcel Running Club yakwaZulu-Natal ngaphambi kweComrades Marathon yalo nyaka ezokuba mhla ka-8 kuNhlangulana (June) isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
IXcel ikhiphe umbiko iqinisekisa ukugqabuka kwegoda phakathi kwayo noJenet Mbhele waseMzimkhulu otholele isifundazwe indondo yegolide kwiComrades nakwiTwo Oceans Marathon ngokwehlukana nyakenye nango-2023.
Lo msubathi (uJenet) ngo-2022 ube yingqwele yaseNingizimu Afrika kwiDurban International Marathon.
Ngokusho kweXcel, uJenet, obe yiBest Female Athlete yale kilabhu nyakenye, uthe kunomsebenzi okusafaneye awuqedele ngakubo eMzimkhulu. Bathi uthe uzobuyela ekilabhini yangakubo iMzimkhulu Striders, kanti uthe ngeke abe yingxenye yeTwo Oceans ezokuba mhla ka-5 kwezokwethwasa.
Omunye umsubathi le kilabhu ekuqinisekisile ukuthi ushiyile kuyona nguTebello Ramangoana waseLesotho. Lo msubathi ungomunye wabahlonishwayo emhlabeni.
URamangoana ungene unombolo 7 kuma-Olympics Games nyakenye, kanti ngo-2023 wathatha indawo yesine kumaWorld Athletics Championships.
USbusiso Cele ongusihlalo weXcel uthe ubafisela konke okuhle laba basubathi lapho beya khona.