
OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnu Thabo Mbeki usebenzise ithuba ukugxeka i-African National Congress (ANC) ekhala ngokwehla kwezibalo zabantu abayivotele njengoba bekuwukhetho loHulumeni baseKhaya. Ubethula inkulumo emngcwabeni kaDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka ebiseXesi, e-Eastern Cape.
Uthe ngesikhathi sikaDkt Mlambo-Ngcuka i-ANC ibithola imiphumela engu-70% kodwa manje yehle yafika ku-30% ngo-2026.
Unxuse i-ANC ukuthi izinuke amakhwapha ukuthi yikuphi engakwenzanga kahle ukuthi yehlelwe yisibalo ngalolu hlobo. Uthe ukube uMlambo-Ngcuka usekhona ngabe uyazibuza ukuthi kungani abantu abaningi ngalolu hlobo belaxaze i-ANC. Uqhube wathi inhlangano isakweleta uMlambo-Ngcuka nomphakathi izimpendulo futhi kumele ibe neqiniso ekuphenduleni kwayo. Okunye akubalulile ukuthi abantu abangayifuni i-ANC babe nesandla kodwa nokuphambana kwayo iyodwa kunomthelela, nokuncishelwa ngabantu kusheshe kakhulu. UDkt Mlambo-Ngcuka waba yisekela likaMongameli lokuqala lesifazane kwintando yeningi. Wangena kulesi sikhundla ngesikhathi kusewuMengameli Mbeki ophethe izwe.
UMbeki ushaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa njengoba ephinde wancoma uDkt Mlambo-Ngcuka ngokuthi wayenesithombe ayesidwebile ngendlela ayefuna ibukeke ngayo iNingizimu Afrika. Uthe baningi ayelwa nabo kuhulumeni efuna kwenziwe ubulungiswa kubantu bakuleli. Nokungena esikhundleni se-UN Women uthe akuyena owasifuna kodwa walandwa ngoba kubonakala amava akhe.
Ukuvumelana noMbeki, uMengameli Ramaphosa uthe impela izwe lidinga abaholi abafana noDkt Mlambo-Ngcuka.
UMbeki uphinde wathi uDkt Mlambo-Ngcuka wayekulungele ukuba ngumengameli wezwe.
tndlovu@ilanganews.co.za







